Izindaba

IMENYEZELWE INTSHA EHLOMULE ESIKHWAMENI SIKA-R100 M ESISUSE UMSINDO E-KZN

UMNYANGO wezokuthuthukiswa komnotho, ezokuvakasha nezemvelo esifundazweni saKwaZulu-Natali ugcine uzimemezele izinkampani eziphethwe abantu abasha ezihlomule esikhwameni sentsha sika-R100 million emcimbini wokugubha usuku lwabantu abasha obungoMsombuluko, mhlaka-16 Nhlangulana 2025 eBhekuzulu Hall, e-University of Zululand enyakatho yesifundazwe.

Bekubhekwe ngamehlo abomvu ukumenyezelwa kwalezinkampani emuva kokuthi kube nomsindo omkhulu ngohlelo lokuqokwa kwazo.

Kuzokhumbuleka ukuthi kunencwadi ebhalelwe undunankulu wesifundazwe, uMnuz.Thami Ntuli yikomiti elibheke ukusebenza kwehhovisi likandunankulu imyalela ukuba athathele phezulu izinsolo zokushaya owesifazane ezenziwe ngomsebenzi osophikweni lwentsha kuleli hhovisi, uMnuz. Melusi Ndima.

Imibiko esabalele emazikweni ezindaba ngesonto eledlule ithe uNdima udlulisele kobengumqondisi-jikelele esifundazweni, uDkt. Nonhlanhla Mkhize uhlu lwamagama ezinkampani zentsha obekumele zihlomule kulesi sikhwama, owalile ukulwamukela uhlu.

Ngesikhathi ala ukwamukela uhlu uDkt. Mkhize ubeke isizathu sokungapheleli kwemininingwane edingekayo kwabafake izicelo, nathe uhlu alubuyele emuva kulungiswe lokho.

Ilapho kusuke khona ingxabano phakathi kukaNdima noDkt. Mkhize.

Le ngxabano ilandelwe ukusula isigubhukane emsebenzini kukaDkt. Mkhize ongachazanga okuningi ngesinqumo sakhe. Indawo yakhe ibanjiswe uDkt. Nkosenye Godfrey Zulu oke waba ngumphathi kamasipala waseMhlathuze esifundeni i-King Cetshwayo.

UMnuz. Ntuli uthe loluxhaso luzoba nomthelela omuhle ekunciphiseni izinga lokuntuleka kwemisebenzi. “Asithokozeli nje lolu suku ngokubungaza umlando wentsha yasendulo, kepha siyawuqopha ngokushintsha impilo yabantu abasha ngokubanika ithuba, ukubeseka nethemba.

“Abahlomulile bamele osomabhizinisi besikhathi sanamuhla, abaqambi kanye nabasunguli bemisebenzi”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.