EzosaziwayoIzindabaUmculo

USIMAMANE UPHENDULE NGESIZOTHA ‘ENYELWA’ UNOTA ETHI AKAKWAZI NOKUDAYISA AMATHIKITHI ANGU-300 KUMA-GIG AKHE

WENZE okungajwayelekile umculi we-Hiphop waseMlazi, eThekwini u-Omuhlemnguni Simamane, ehlisa umoya emuva kokutshelwa emehlweni umdidiyeli wezingoma othanda isixakaxaka, uNhlamulo ‘Nota’ Baloyi ukuthi uma enze imicimbi akakwazi ngisho ukudayisa amathikithi angama-300.

Le nkulumo uNota uyisho emuva kokuba i-album entsha kaSimamane ethi 20th: Days Before Maud ifinyelele kuma-views ayizi-30 million ku-Spotify. Abahlaziyi bomculo badalule ukuthi lokhu kuwukuqopha umlando njengoba kungokokuqala ngqa ukuthi umculi we-Hiphop waseNingizimu Afrika afike kuleli zinga.

Kuyaziwa-ke ukuthi uNota unguskhwili ephambana nobhoko, kuthe kusabatshazwa impumelelo kaSimamane yena waqhamuka esethi: “Ama-views angama-30 million awasho lutho uma usahlulwa ukudayisa amathikithi angama-300″.

Nokho uSimamane uvele wabeka umoya phansi wamphendula ngesizotha. “Ngiyabonga bhuti omdala, hleze useluleka. I-Hiphop iyakuthanda nkos’ ik’busise. Uqhubeke nokukhombisa uthando”, kusho uSimamane.

Nokho abantu abananele lenkulumo babe nemibono ehlukene ngalolu daba njengoba kukhona abebethi kubalulekile ukuthi umculi atuswe ngenani labantu abahambela imicimbi yakhe kunezinombolo ezingaqinisekiwe zabantu abalalela izingoma ezinkundleni zomculo.

Njengoba kwaziwa ukuthi abantu abayi nxanye bengemanzi, kukhona laba abahamhalalisele uSimamane futhi bakweseka ukuvelela kwakhe ezinkundleni zomculo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.