EZIKHETHEKILEIzindaba

IZITABANE ZIZOTAMASA ETHEKWINI KULEMPELASONTO

UKUSHUMAYELA ivangeli lokufuna ukwamukelwa, ukuhlonishwa nokungacwasa ngenxa yempilo abayiphilayo, yizona zinto ezizoba seqhulwini emcimbini i-eThekwini Pride ozobe wenziwa okokuqala kulo nyaka, ngenhloso yokulwa nezinkinga ezibhekene nabantu abathandana nabobulili obufana nobabo okudume uku ‘izitabane’, okwenza bazibone bengamukelekile emphakathini.

Lo mcimbi ozobe uvuleleke kuwo wonke umuntu futhi okuzobe kungenwa mahhala kuwona, uzoba se-Ushaka Marine Beach, ngoMgqibelo, kusuka ngehora le-10:00 ekuseni kuya kwele-22:00 ebusuku, lapho okuzobe kulindelwe ukuthi kubuthane abantu abangaphezu kwama-500.

Umhleli walo mcimbi uMantsha ‘Bugdie’ Khuzwayo, uthe benze ngamabomu ukuthi ube ngenyanga kaNhlangulana ngoba beqonda ukuthi le nyanga akuyona eyokuqhakambisa imisebenzi emihle yabantu abasha kuphela, kepha yaziwa nangokuthi yi-Pride Month.

Uthe bahlose nokufundisa abantu ukuhlonipha nokwamukela abantu abathandana nobubuli obufana nobabo.

Esithombeni: Umhleli we-eThekwini Pride, uMatsha ‘Budgie’ Khuzwayo

“Sizohlanganyela ukugqugquzela ukuthi kwamukelwe impilo esiyiphilayo nendlela esiyiyona yingakho umcimbi wethu sizowuqala ngokuthi simashele edolobheni, sisuka eShaka Marine size siyofika ngasesiteshini samaphoyisa esiseduze nathi, senzela ukuthi kuzwakale zonke izinkinga zethu nokusikhathazayo ukuze kuphele ukucwaswa emphakathini,” usho kanje.

Eqhuba, uthe kuzothi kungaqedwa lapho bese kubuyelwa ebhishi lapho bezobe benze umcimbi okuyidili lomculo okuzonandisa kulona u-DJ Happygal, DJ Cndo, Mprue nomsakazi woKhozi FM u-Selby ‘Selbyonce’ Mkhize.

“Akuzukuphelela lapho, njengoba kuzothi khona lapho emcimbini sihambise uhla lwezikhalazo zethu ezikhulwini zikamasipala wasThekwini ngenhloso yokuthi kwazeke ngokusikhathazayo ngenhloso yokuthi kulunge,” kusho uMantsha.

Uthe kuningi abantu okusamele bafundiseke ngakho ngempilo abayiphilayo, ukusiza ukugwema ukuthi bangabi nenkolelo yezinto ezingelona iqiniso okukhohliswana ngazo.

*Lolu daba lucashunwe ephephandabeni Isolezwe

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.