I-SADTU IKHALA ESIKANANDI NGOKUSHIWA UMHOLI WOPHIKO LWAYO LWEZITSHUDENI
ISIZWAKALISE ukuthi igqemeke engeqiwa ntwala inyunyana yothisha, i-SADTU ngokushiwa emhlabeni isishoshovu somholi wayo, uSmanga Mpanza, obengumgqugquzeli we-SADTU Student Chapter egatsheni lase-Durban University of Technology (DUT), eNdumiso Campus eMgungundlovu.
USmanga obebizwa ngoNtshebe udlule emhlabeni emuva kwengozi eyenzeke ngakubo eMacambini emgwaqeni u-R102 maphakathi nedolobha laseMandeni nomgwaqo onguthelawayeka u-N2 ngoMgqibelo odlule.

Esithombeni: Kungesikhathi uSmanga ethweswa iziqu ze-Batchelor of Education in Senior and FET phase ngo-2024
Ihhovisi likazwelonke le-SADTU lithe nakuba kuzomba umgodi omkhulu ezinhliziyweni zababe nenhlanhla yokusebenza naye kodwa linethemba elikhulu ukuthi impilo yakhe izogqugquzela futhi inike umndlandla wokuzinikela kumalungu enyunyana yabo.
“Ubambe elikhulu iqhaza ekusungulweni kwe-SADTU Student Chapter eNdumiso campus, futhi wenza umsebenzi obonakalayo ekuthuthukiseni izimo zokufunda nokuxazulula izinselelo ebezibhekana nabafundi esebenzela i-SADTU.
“Umsebenzi wakhe usikhulisele amalungu futhi waqinisa izimpande zezakhiwo zethu ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ekumhlonipheni uSmanga sifuna ukuzibophezela kabusha kwizinkambo nemigomo ye-SADTU abesebenza ngayo. Umsebenzi awenzile angeke uwele ezeni. Sizoqhubeka sakhe isisekelo salokhu akuqalile, siqonda kahle umsebenzi osasihlalele”, kusho isitatimende se-SADTU.
Le nyunyana ithe ifuna ukuqinisekisa ukuthi umnikelo kaSmanga awusoze walibaleka. “Asimhloniphi ngamagama kuphela kepha nangezenzo. Umbono wakhe uzoqhubeka nokusekela umsebenzi wethu, futhi umoya wakhe uzosigqugquzela ukulwa impi yokuthola impilo engcono nezwe elikhululekile”, kusho i-SADTU.

Esithombeni: USmanga (ongowesibili ukusuka esinxeleni) emi namalungu ebandla abekhonza kulo i-The Salvationa Army, Estill Corps eMandeni
UMKHAYA uke waba nengxoxo ekhethekile noSmanga lapho esichazele khona ukuthi lisukaphi igama eliyisidlaliso sakhe, elithi Ntshebe. Utshele UMKHAYA ukuthi esikhungweni abefunda kuso intshebe yakhe imenze wagqama njengoba wonke umuntu ubefuna ukuyithinta kuhlanganisa nama-lecture.
Le nsizwa esencane futhi ebithobekile idlula emhlabeni nje nomama wayo uyishiye yenza unyaka wesibili e-DUT. Ekhuluma kwi-website yase-DUT ethi www.dut.ac.za uSmanga uthe ukudlula emhlabeni kukamama wakhe yikho okumzogqugquzela ukuthi afeze iphupho lakhe. Emuva kwalokho akabange esabheka emuva njengoba kuthe ngo-2024 wathweswa iziqu ze-Batchelor of Education in Senior and FET phase. Ushiye umntwana oyedwa nonina. Amalungu omphakathi, izinhlangano zabafundi nezepolitiki kanye nebandla abekhonza kulo badlulise amazwi enduduzo emndenini kaSmanga.
Uzofihlwa ngoMgqibelo, mhlaka-14 Nhlangulana 2025 emathuneni asekhaya emuva kwenkonzo yomngcwabo ezoba khona ekhaya oHwebede, eMacambini.