UMPHAKATHI UBULALE ISALUKAZI (76) USISOLA NGOKUTHAKATHA
USATHUKILE namanje umndeni wowesifazane osekhulile, uBusi Letta Maseko (76) obulawe amalungu omphakathi waseTwatwa, eBenoni eGoli ngoba emsola ngokuthakatha.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngezintatha zangoLwesibili ngabo-03:00 ekuseni.
Kune-video esabalele kumalungu omphakathi wakuleya ndawo lapho kubonakala lona wesifazane elele phansi ekakwe isixuku sabantu. Kuyona le-video kuzwakala umuntu okhulumayo ethi: “Sanibonani, mphakathi waseTwatwa. Lona owesifazane omdala okuthiwa uzoshiswa. Bathi ungumthakathi utholwe ethakatha ngabo-3 ekuseni lana”.
Umndeni kaMaseko usuzwakalise ukuthi usilethele ubuhlungu obukhulu isenzo salo mphakathi. Isihlobo sakhe, uSesana Maseko utshele i-Sowetan ukuthi ngenxa yesifo sokukhohlwa, kuyenzeka alahleke kodwa ngokuhamba kwesikhathi bemthole. Uthe nomphakathi bake bawazisa ngenkinga yakhe ukuze makwenzeka umbona ubazise, abuyiselwe ekhaya.
Uthe kulokhu ulahlekele endaweni engalungile njengoba bengeke bephinde bembone. “Sikhathazeke kakhulu”, kusho yena.
Esinye isihlobo sikaMaseko, uZakhele uthe: “Asazi ukuthi kwenzekeni kahlehle. Sikholwa ukuthi khona ozitshele ukuthi uyathakathaka ngesikhathi embona emzini wakhe ngezintatha, kwazise into ejwayelekile emiphakathini yabamnyama”.
Umndeni uthe uMaseko sekuyiminyaka eminingi ehlushwa ilesi sifo kodwa size saqinisekiswa odokotela ngonyaka odlule. “Ngesinye isikhathi kushone udadewabo, kwakufanele siye e-Delmas eMpumalanga ngoba wayezongcwatshelwa khona. Sesifikile khona wayelokhu ebuza ukuthi sizokwenzani la.
“Sasilokhu simchazela njalo ukuthi size emngcwabeni kadadewabo. Wayevele adinwe athi besingamchazeli ngani sisasuka ekhaya. Saqala lapho ukumqapha ngaso sonke isikhathi”, kusho yena.
NgoMsombuluko uphinde wanyamalala kungekho obonayo. Ngesikhathi umndeni usubonile ukuthi akekho, kuzanyiwe ukuthi abhekwe, kwasho ukuthi selidume ledlule. Ube usuthola ucingo luwazisa ukuthi ushawe waze wafa emgwaqeni eTwatwa, esifundeni saseKurhuleni.
Usonhlalakahle osebenza ngabantu abaphethwe isifo sokukhohlwa, u-Welma Geldenhuys we-Association of Dementia and Alzheimer’s of SA (ADASA) uthe lesi sifo sibucayi kakhulu ngoba imiphakathi eminingi ayisiqondi.
“Isifo lesi esingalapheki, kodwa siyathithibaliseka. Imindeni, onompilo nemiphakathi kufanele ifundiswe ngaso. Umuntu onaso akaphambene ekhanda futhi akathakathi kepha usuke enenkinga ephathelene nokulimala kwengqondo”, kusho yena.
Uthe siphatha kakhulu abantu abaneminyaka engama-65 futhi siyinto ejwayelekile kubantu asebekhulile.
U-Gelenhuys uphethe ngokuthi uma amalungu omphakathi esola ukuthi ilungu lomndeni linalesi sifo ungashayela ku: 011 792 2511.
*Lolu daba lucashunwe ku-SowetanLIVE