Izindaba

UDILIKAJELE KUMALUME (39) ODLWENGULE EPHINDELELA UMFUNDI (16) ETEKISINI

INKANTOLO i-Protea Glen Magistrates’ Court igcine imgwebe udilikajele umshayeli wetekisi ebithutha abafundi, uRetshidisitsoe Moletsane (39) ngokudlwengula umfundi wesifazane oneminyaka eyi-16 amahlandla amabili etekisi lakhe.

Ngesikhathi uMoletsane ebekwa lamacala okudlwengula lo mfundi uwaphikile onke.

Esigamekweni sokuqala esenzeke ngoLwezi 2020 kuthiwa isisulu saqeda ukubhala sabe sesiya etekisini ukuyolinda abanye abafundi njengoba kuyiso esaqeda kuqala. Umshayeli wetekisi wasilandela wangena etekisini wasigumula izingubo wabe esegumula nezakhe (umshayeli) qede wasidlwengulwa. Wayesisabisa ngokuthi uma sike samemeza uzobiza abanye abashayeli basibambe basidlwengule bonke.

Ngesikhathi inkantolo imgweba iphinde yayalela ukuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabanamacala okudlwengula. Ithe kasafanele ukusebenza nezingane.

Kwesinye isigameko ngenyanga efanayo umshayeli ebuya nesisulu esikoleni, esikhundleni sokuthi asiyise kubo wasibhekisa endlini kamngani wakhe. Esefikile akasehlisanga emotweni, kodwa wabe esesidlwengula phakathi etekisini. Isisulu sacela ukusebenzisa indawo yokugeza, wasilandela wasidlwengula futhi.

Kuthe emuva kwezinyanga ezimbalwa umama wesisulu waqaphela ushintsho enganeni yakhe. Izame ukuzibulala emuva kokuyibuza ngokuziphatha kwayo. Kwesinye isikhathi ibike iquleke esikoleni kungacaci ukuthi yini imbangela.

Umshushisi kuleli cala, uMmakgadi Mangena utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa akaze akhombise ukuzisola ngesenzo sakhe. Uthe unina wesisulu ubemethembe kakhulu ngengane yakhe ukuthi ayiyise esikoleni futhi ayibuyise ekhaya kodwa yena wakwephula lokho kwethenjwa. Uthe isigwebo esifanele umuntu oziphatha ngalendlela ukudilikelwa ijele

I-National Prosecuting Authority (NPA) ithe ikholwa ukuthi lesi gwebo sizothumela isifundo nakwabanye futhi sinike isithunzi ezomthetho kuleli.

“Sifuna ukubonga uNks. Mangena nomphenyi wecala, uSgt. Kunene ngomsebenzi omkhulu abawenzile ukuqinisekisa ukuthi amalungelo ezingane nokuphepha kwazo kubekwa eqhulwini njalo”, kusho i-NPA.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.