“ASIFUNI UKUPHATHWA U-HELLEN ZILLE EGOLI” – NTSIKI MAZWAI
IMBONGI ephinde ibe umculi kuleli eyaziwayo ngokungancethezi, uNtsiki Mazwai isiphinde yagadla muva nje njengoba kuqhubeka inkulumo-mpikiswano ngesimemezelo somholi e-Democratic Alliance (DA), u-Hellen Zille sokuthi ucabanga ukungenela isikhundla sokuba imeya eGoli.
UZille usesuse umsindo ngalesi simemezelo sakhe njengoba nenqwaba yosopolitiki bakuleli sebephawulile ngaso.
UMazwai ungomunye wosaziwayo abaveze umbono wabo ngalolu daba. Ubize uZille ngogogo omdala oneminyaka engama-70 onobandlululo.

Esithombeni: Umholi we-DA, u-Hellen Zille
Ngesonto eledlule uZille uthuse abaningi eveza ukuthi angase athathe isinqumo sokufaka isicelo sokuthi iqembu lakhe limfake ohlwini kwabagaqele lesikhundla esiphezulu eGoli. Ngokwakhe uthe uyena ‘ongasindisa’ iGoli.
“Asimfuni u-Hellen Zille”, kusho uMazwai ekhasini lakhe le-X. Uthe ucela abantu baseNingizimu Afrika bayichithe imizamo yakhe yokukhankasela ukuphatha iGoli.
Uthe: “Ngeke sikwazi ukuphathwa u-Hellen Zille njengemeya yaseGoli. Ubheda kakhulu kuno-Cyril Ramaphosa”.
“Uwumlungu onobandlululo, futhi uma ubuka i-Western Cape uzobona ukuthi abantu abamnyama bayacwaswa laphana. Bahlala ezindaweni ezingekho esimeni esikahle. Ufuna ukwenza lokho la eGoli.
UMazwai uthe: “UZille akabafanele abantu abamnyama, uyingozi. Asimfuni, akahambe ayothatha umhlalaphansi, kusekuhle”. Uqhubeke wathi ukuvotela ukuthi uZille abe imeya kuyobe kuyiphutha elethusayo futhi elingaba nomthelela ongemuhle kwabamnyama.
Uvumelane nabanye abalandeli bakhe abaphawulile ukuthi imeya ye-African National Congress (ANC) ekhona manje, uDado Morero naye akalilungele idolobha laseGoli. “Noma ubani angaba ngcono kunoMorero, kodwa hhayi uZille”, kusho yena.
Nokho abanye osaziwayo abafana noKhaya Dladla, Siv Ngesi nesishoshovu samalungelo abantu, u-Adam Habib babona ngokuhlukile noMazwai.
U-Habib uthe: “UZille uyithemba. IGoli lidinga amanzi, ugesi, imigwaqo kanye nokuphatha okuqondile. Akekho oseke wenza lokhu, uZille ongakwenza”.
Umlingisi, uNgesi uthe: “iJozi isenkingeni enkulu, nabo laba abazonda u-@helenzille bayazi ukuthi ukungena kwakhe kungaba into engcono kulendawo ebolile!”.
Ekhuluma ne-eNCA uZille uthe yena uzalelwe eGoli, e-Hillbrow. Ubesho lokhu emuva kokuba abanye bedalule ukuthi ngeke bephathwe umuntu okungasiye owendawo futhi ongazazi izinkinga zabo.
“EGoli kusekhaya. Ngizalwe e-Hillbrow, eyayehlukile kunesiyikho namuhla. IGoli lalisebenza futhi ngilithanda. Ngikholwa ukuthi lalingumgogodla weNingizimu Afrika. Ukuphila nokusebenza kwalo kungalibulala noma kuliphilise izwe”, kusho yena.
Uqhubeke wathi: “Uma iGoli lingaphumeleli nezwe ngeke aliphumeleli”.