USHAQEKILE U-TRUMP NGAMABHUNU (49) ATHUTHELEKE EZWENI LAKHE ‘AYIMIPHUNDLAPHUNDLA’ ENGENAMAPLAZI
USASHAQEKILE namanje umengameli waseMelika, u-Donald J. Trump emuva kokuthola ukuthi kahlehle ithimba lokuqala lamabhunu angamashumi aname nesishiyagalolunye (49) asuke kuleli ngeSonto ebusuku, athutheleka ezweni lakhe ngoMsombuluko ayimiphundlaphundla egada izimoto kumapaki, futhi amanye awazi lutho ngokulima.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoNdasa 2025 uhulumeni waseMelika wamemezela ukuthi uzokwamukela amabhunu aseNingizimu Afrika angababaleki (refugees) ahlukunyezwa uhulumeni wakuleli ngokuwabulala nokuwaphuca umhlaba wawo. U-Trump wathembisa amabhunu aseNingizimu Afrika ukuthi akhululekile ukuthi angabalekela ezweni lakhe uma exakeka ukuhlala ezweni elibulala abantu futhi uzosheshisa konke okuqondene namaphepha obuzwe baseMelika.
Lokhu wayekusho nakuba uhulumeni waseNingizimu Afrika usukusho kaningi ukuthi azikho zonke lezi zinto ezibikwayo ngalelizwe.

Isithombe: Ithimba lokuqala lamabhunu elingababaleki baseNingizimu Afrika elilibhekise eMelika ngeSonto
“Bangitshele ukuthi bangabalimi. Abalimi asebemnkantshubomvu. Ompetha babalimi – abangakazwe bebonwe”, kusho u-Trump etshela izintatheli ngoLwesibili. “Bafikile-ke lapha kodwa uyabona nje ukuthi phakathi kwabo akukho noyedwa okwazi ukushayela i-John Deere (ugandaganda)”, kuqhuba yena.
Omunye wabasebenzi basehhovisi likamengameli waseMelika ongathandanga ukudalulwa utshele izintatheli ukuthi u-Trump kumcasule kakhulu ukubona abanye balababaleki begqoke amabhulukwe abampintshayo, befake nezibuko ezimnyama kungathi iqembu elithile le-band yo mculo.
Kuthiwa ubehlele ukubafaka emaplazini asendaweni engamakhaya eLowa kodwa kwacaca ukuthi akuyona into ebebeyilindele leyo futhi babonakale bedideke bephelile.
“Bengicabanga ukuthi size eMelika ukuthola ithuba, inkululeko, nokuthola ukugqama”, kusho u-Jaco (26).
U-Jaco ubesebenza njengomgadi obuye awashe izimoto eGoli, ehlala e-Nebraska. ”Angikaze ngiyithinte inkomo. Mangikhumbula kahle, kwake kwenzeka ngise Zoo. Nakhona sasizikhiphile”, kusho yena. Elinye ibhunu, u-Corne lithe lona limtshelile u-Trump ukuthi: “Angikaze ngibe umlimi mina kodwa ngingakwazi ukuqondisa isiphithiphithi sezimoto emapaki noma ngabe isimo sezulu sinjani”.