EzosaziwayoIzindaba

“SENGINEBHADI LOKUJOLA NODOTI” – KHAYA MTHETHWA

USOLA ukuthi isitimela sothando sadlula samshiya umculi wezingoma zokholo, uKhaya Mthethwa. Lokhu ukudalule kwintshumayelo abeyenza ebandleni lakhe i-Ousis Church eliseMlazi, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Intshumayelo yakhe iqoshwe kwi-video enkonzweni yephasika ngomhlaka-19 Mbasa 2025, lapho ayekhuluma khona namalungu ebandla ngobuhlungu abhekene nabo njengoba izinto zingamhambeli kahle kwezothando.

UMthethwa owanqoba umncintiswano i-Idols SA ubebhoboka kanje emuva kweminyaka emihlanu (5) ahlukanisa nomkakhe oke waba u-Miss SA, uNtandoyenkosi Kunene. Laba bahlukana emuva kokuzala ndawonye indodana u-Oyinkosi emuva kwesiphihli somshado wabo owawungo-2017.

“Isitimela sothando sangishiya, ngoba sengilahlekelwe inqwaba yabantu abalungile, manje senginebhadi lokujola nodoti wodwa”, kusho yena.

Uthe impilo emuva kokwehlukanisa nomkakhe inzima kangangokuthi sekuwumqansa ukuthola umuntu olungile. Uqhubeke wathi ubudlelwane abengena kubo bekungamahlathi wodwa.

“Ngiyaxolisa ngikhuluma ngami hhayi nina, manje yini enihluphayo? Ngizama ukulwa nalento”, kusho yena. Uthe nakuba ekusho lokhu uyazi ukuthi kwabanye ngeke kwehle kahle.

Nokho akucacanga ukuthi uMthethwa mayethi usenebhadi lokujola nodoti ubebhekise kobani.

Ngaphambi kokuthandana noNtandoyenkosi, uMthethwa ubesebudlelwaneni obuqinile nomlingisi, uNomzamo Mbatha kodwa okwaphela emuva kwezinkinga zokungathembani.

Ngo-2023 enengxoxo nelinye iziko lezindaba wadalula ukuthi: “Ukuhlukanisa nomkami kwangivula amehlo ngezinto eziningi abengingazazi njengendoda ebengiyiyo futhi kwangivula amehlo njengendoda engifuna ukuba yiyo”, kusho yena.

UMKHAYA uthole ukuthi uMthethwa usanda kuhlukana noSethu Nkosi nokuyinto ephinde yabhixa usawoti esilondeni kule nsizwa ephinde ibe umsakazi weGagasi FM.

Phezu kwezinselelo zothando abhekene nazo uMthethwa usanda kumemezela ukuthi kunengoma ayenza noNtokozo Mbambo ethi Outpouring futhi uyijaji emincintiswaneni womculo wokholo, i-Gospel Superstars SA eboniswa ku-eTV.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.