EZIKAMABONAKUDEIzindaba

BABUYA NOKUSHISA O-RACHEL KUNUTU NO MAROTHI MAPHUTHUMA KU-SKEEM SAAM

ZIKHUZA ibuya izithandani ebezihlale zishiya ababukeli bomdlalo waku-SABC 1, i-Skeem Saam bebambe ongezansi o-Rachel Kunutu odlalwa uLesego Marakalla noMarothi Maphuthuma odlalwa u-Macks Senatla.

Kazi ziza nani kulokhu? Lona ngumbuzo obuzwa abantu abaningi ababuka lo mdlalo odlala phakathi nesonto ngokugamanxa kwehora lesikhombisa (19:30) kusihlwa udume ngokuba nezimfundiso ngempilo nangokuziphatha.

U-Rachel noMarothi bashiye kulo mdlalo ngo-2020 emuva kokuba u-Rachel eshiye umyeni wakhe nendawo akhule kuyo e-Turfloop emva kokumtshontshela imali enkulu futhi wamgaxelisa ngokufa kwakhe ‘mbumbulu’.

Uma esebuya ku-Skeem Saam, u-Rachel uzobonakala ezihlanganisa nabantu abangalungile, abamfakela ingcindezi yokwenza izinto eziphambene nomthetho. Uzobe ezwana nezaphulamthetho ezifana no ‘Lord of the Flies’ okuyindawo edlalwa u-Archie Nhlapo no ‘Ghost’ okuyindawo edlalwa umlingisi omusha ongum-rapper futhi umethuli wezinhlelo, uTsepo ‘Howza’ Mosese.

Ababhali balo mdlalo bathi ababukeli bazobe bemagange befuna ukubona ukuthi uMarothi uzofuna ukuziphindiselela yini ku-Rachel abembiza nge ‘Dynamite’ noma bazoyilungisa into yabo.

“Kuyathokozisa ukuthi ngibuyela kulo mdlalo. Akukho nje mayelana name kodwa futhi kumayelana nababukeli okuyibo abathokozela indawo yami. Sekunesikhathi eside bebuza ukuthi ngibuyela nini ku-Skeem Saam. Kuyangithokozisa ukubazisa ukuthi ngiyabuyela kumabonakude ngizodlala indawo ka-Rachel”, kusho uMarakalla.

USenatla uthe kuyamthokozizsa kakhulu ukubuyela kulo mdlalo. “Ngijahe kabi ukudlulisa indaba engakaze ibonwe”, kusho uSenatla.

UMarakalla uzoqala ukuvela ku-Skeem Saam ngomhlaka-14 Nhlangulana bese kuthi uSenatla yena aqale ukuvela kusukela ngomhlaka-14 Nhlangulana. Ababhali balo mdlalo bathe nge-season yokugcina yawo ababukeli bengalindela iziqephu ezishaqisayo eziphathelene nomlingisi oyisigeleke.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.