UTHI UZOGADLA NGOMTHETHO KU-MAC G UMINNIE DLAMINI
UGCINE elibhobozile ithumbu ngazokwenza uMinnie Dlamini emuva komsindo osuke ngenkulumo engehlanga kahle kwabaningi ka-Macgvver ‘Mac G’ Mukwevho owethula uhlelo lwe-podcast, i-Podcast and Chill ku-You Tube naseziteshini ezingaphansi kwe-DStv, i-Mzansi Magic neMoja Love.
Lokhu uMinnie ukuveze nakuba u-Mac G esexolisile ngenkulumo yakhe ayenza kulo lolu hlelo lwe-podcast.
Esitatimendeni asikhiphe ngoLwesibili uMinnie uthe ulimele kakhulu futhi umangele ngale nkulumo eyenziwe ngomzimba wakhe Kanye nangempilo yakhe kwi-podcast. “Emasontweni edlule bengibukela indlela igama lami, umzimba nesithunzi sami obekudicilelwa ngayo phansi emphakathini”, kusho uMinnie.
Uchaze inkulumo ka-Mac G njengelumelayo, eyehlisa isithunzi futhi engaxoleleki.
Kule nkulumo eyenzeke ngenyanga edlule u-Mac G wezwakala exoxa nozakwabo, uSol Phendula ngesigameko sakamuva sokuhlukana kukaMinnie nomyeni wakhe, uDkt. Brian Monasia. U-Mac G wathi wenza ihlaya ngesitho sangasese sikaMinnie ethi kungenzeka siyanuka njengoba eseshiwe inqwaba yabesilisa kuhlanganisa nobengunozinti we-Kaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune.
“Mfowethu, ngiyakutshela ndoda. Kukhona okungalungile ngaye; iyenzeka lento ndoda, kungenzeka isitho sakhe siyanuka, anjalo phela amantombazane ababayo”, kusho u-Mac G kulesi siqephu.
Nokho ugcine exolisile ngale nkulumo yakhe esiqeshini sakamuva, esho khona ukuthi ubengaqondile ukuhlambalaza umuntu.
“Ngifisa ukuxolisa kakhulu kwabesifazane ababuka lolu hlelo, nakubo bonke abantu besifazane baseNingizimu Afrika okungenzeka ukuthi ngibathinte kabi ngenkulumo yami. Bekungayona inhloso yami. Asizikhulumi izinto ngenhloso yokuhlukumeza abantu”, kusho u-Mac G.
Esitatimendeni sakhe uMinnie uveze ukuthi usitholile isixoliso esivela kubameli baka-Mac G. “Lesi sixoliso siqhamuke sekumoshakele futhi isithunzi sesonakele, akusasizi – futhi siqhamuka kubantu abakwenze kwaba usiko kubo ukuhlambalaza abantu.
“Lokhu bekungesikhona nje ukungehlulela kodwa bekuwukuqhubeka kwabantu abangenanhlonipho ohlelweni lwabo. Ukuxolisa manje ngoba umphakathi usufaka ingcindezi, manje asebekwenza seukwukuzama ukulungisa igama labo, ayi ukuthi kulungiswa ihlazo abangithele ngalo”, kusho yena.
Uqhubeke wathi uzoqhubeka nokuthatha izinyathelo zomthetho; lokhu ekwenza emele isithunzi sakhe nesabo bonke abesifazane. “Njengomuntu odumile futhi ongumama akumele ngizimele mina kuphela kodwa ngimele nabo abesifazane abehliswe isithunzi egameni lokwenza i-contenct nokujabulisa abantu”, kusho uMinnie.