UTHI KHUMU EKULINGISENI U-ABDUL KHOZA
UMLINGISI osenqobe inqwaba yezindondo kuleli, u-Abdul Khoza usememezele ukuthi uyayeka ukulingisa emuva kweminyaka eminingi ejabulisa ababukeli ngekhono lakhe elimangalisayo kumabonakude.
UKhoza ufake i-video ekhasini lakhe le-Instagram edalula lezindaba ezingehlanga kahle kwabaningi. Kule-video uKhoza ufake isiqephu lapho abenza khona inhlolakhono ngonyaka odlule, nathi bese kungeyokugcina.
“Nginqume ukuthi ngabelane nani inhlolakhono yami yokugcina engiyenze ngonyaka odlule ngaphambi kokuthi ngithi khumu”, kusho uKhoza embhalweni obuhambisana ne-video.
Le-video bekungayona nje eyokudalula isiphetho sale nsizwa kwezokulingisa kodwa ibibonisa nokuthi yini edingeka kumuntu ongumlingisi. UKhoza uthe uthemba ukuthi i-video ayifakile izosiza abalingisi abasafufusa ngakho konke abakudingayo ngokufuneka uma kuhlolwa ikhono lalo msebenzi.
“Iyona ndlela le ebengifuna ngayo ukukhombisa labo abasafuna ukungena emkhakheni wezokulingisa ukuthi sonke sidlula kuso isigaba sokuhlolwa”, kuchaza yena.
“Noma imuphi umlingisi ukuze athole indawo emdlalweni kufanele adlule ekuhlolweni. Lena i-video yami yokugcina yokuzihlola. Ngithemba ukuthi izonika ukuqonda ngokuphelele ngalolu hlelo lwenhlolakhono nokuthi yenziwa kanjani”, kuqhuba yena.
Uphinde wabonga bonke abamesekile ohambeni lwakhe nomngani wakhe obemsiza ngokwenza inhlolakhono.
“Ngiyabonga @spholaricky ngokufunda lokhu nami”, kwengeza yena.
Uphethe ngomyalezo abewubhekise kubalandeli bakhe, lapho ezwakalise ukubonga okukhulu ngokumeseka.
“Okokugcina, ngiyabonga kuwo wonke umuntu ongesekile ohambeni lwami njengomlingisi. Ngiyathobeka ukuthi ngikwazile ukwabelana nani ikhono lami lokulingisa. Bengingeke ngazi ukuthi nginekhono elingaka ngaphandle kwenu”, kuphetha yena.
UKhoza uke wabonakala emidlalweni eminingi kamabonakude, phakathi kwayo kukhona Isibaya, The Wife, Kings of Jo’burg, Red Ink, Masinga – The Calling neminye.