USHIYE UHLELO LWE-TV U-ACE NGCOBO EMUVA KOKUVELA ENKANTOLO NGELENKOHLAKALO
USELUSHIYE phansi uhlelo abehlaziya kulo imidlalo ku-Supersport, i-Extra Time obengunompempe we-PSL odumile, u-Andile ‘Ace’ Ncobo emuva kokuvela kafushane enkantolo i-Bellville Magistrate’s Court e-Cape Town ngoMsombuluko. UNcobo ubhekene namacala amabili; elenkohlakalo kanye nelokudlalisa imali.
Lo nompempe ogcine esedlalisa imidlalo yomhlaba uboshwe nomkakhe, uSalome oneminyaka engamashumi amane nesikhombisa (47) asolwa nanye ngokukhwabanisa imali engu-R15 million eyayinikelelwe ukulungisa izikole e-Eastern Cape.
Bebegqoke beconsa nomkakhe, ungafunga ukuthi baya emcimbini ophezulu ngesikhathi bevele okokuqala enkantolo.
Uthe ephuma enkantolo wabhala ekhasini lakhe ku-Facebook wazisa abalandeli bakhe ukuthi usethi khumu ohlelweni abehlaziya kulo imidlalo, i-Extra Time ukuze lungachaphazelwa izinkinga zakhe. “Into yokuqala engiyenzile mangiphuma enkantolo ngibhalele umphathi we-Supersport Football ngimazisa ukuthi angisezoba ingxenye yohlelo”, kusho yena.
Ubonge ababukeli ngokumeseka, wagcizelela ukuthi usazoqhubeka nokuba ingxenye yalo njengabo, njengoba esezoba umbukeli walo naye.
Umbuso usola uNcobo nomkakhe ukuthi bebehlangene ukukhwabanisa imali yenkampani i-Petroleum Oil and Gas Corporation of South Africa SOC Limited (PetroSA) ukuze bazuze kanye nezihlobo zabo nezinkampani abasebenzisana nazo.
I-PetroSA ibinohlelo lokubuyisela emphakathini, phecelezi i-Corporate Social Investment (CSI) lapho beyikhipha khona uxhaso olubhekiswe ezinhlanganweni ezingenzi nzuzo, ukusiza ababhekene nezinhlekelele kanye nokulungisa izikole ezisemakhaya. Laba basebenzise lelo thuba ukukhwabanisa nokudlalisa imali.