ABANTUIzindaba

KUQHUME IMIKIKIZO KUVULWA INDLU KAGOGO KAPHUMLANI GUMEDE

NGOMGQIBELO, mhlaka-3 Nhlaba 2025 ngabo-13:35 ithimba loMKHAYA belifika kubo kwaPhumlani Gumede lapho bekuzovulwa khona indlu kagogo kaPhumlani Gumede oyi-content creator edumile ku-Facebook naku-Tiktok. Umuzi wakubo kwaPhumlani ulaphaya esigodini sasoHwebede, ebukhosini baseMacambini eMandeni. Uphakathi kwemigwaqo u-P719 oyibhuqu kanye no-N2 onguthekawayeka, futhi yomibili lemigwaqo iyibanga elifushane kakhulu uma usuka kwaPhumlani.

Ithimba lethu lifike sebeqalile ukutheleka abantu egcekeni futhi kunetende ebelihlotshiswe kahle ngezimbali ebelinetafula nezihlalo ezinombala osagolide laphinde lendlalwa kahle izindwangu ezifana nezihlalo zigqize ngombala omhlophe.

Kuthe ngabo-14:20 bese beqala abantu ukungena etendeni, naye ugogo kaPhumlani ubonakele ephuma endlini ekakwe abanye besifazane abese bekhulile nabasebasha. Ngaleso sikhathi bekuzwakala nomsindo wengoma ebidlalwa ngu-DJ obeqhulula amanoni abedansisa wonke umuntu obesegcekeni.

Ithimba loMKHAYA licele ukuba nengxoxo emfushane noPhumlani ngaphambi kokuba ebizwe ukuthi azodlulisa naye amazwi kubantu njengoba bebefike ngezinkani ukuzobungaza kanye naye.

Ekhuluma nomhleli woMKHAYA uPhumlani uthe ujabule kakhulu ukuthi lolu suku selugcine lufikile. “Khona akubanga lula kodwa kuyangijabulisa ukuthi namuhla sekuwusuku lokuvula indlu kagogo”, kusho yena.

Ngesikhathi ekhuluma nomhleli woMKHAYA etendeni bekuculwa ingoma ethi: “Senzelwe isimanga, mayibongwe iNkosi“. Uqede ukukhuluma nethimba lethu wabe esephuthuma etendeni ukuyokhuluma nezinkumbi zabantu ebezimagange zifuna ukumuzwa. Esekhuluma ubonge bonke abamsizile ngezinto ezehlukene abanikele ngazo ngesikhathi kwakhiwa indlu. “Ngiyabonga ukuthi ningeseke, okuningi enikubona lapha angikukhokhelanga ngikunikwe mahhala kwathiwa angenze”, kusho yena.

Isithombe: Ugogo kaPhumlani ekakwe odadewabo nomfowabo sebebheke endlini yakhe ebivulwa.

Kuphunyiwe ngabo-14:55 kwayiwa kuyona indlu, ugogo kaPhumlani ubehola umphakathi ekakwe odadewabo nomfowabo beyovula indlu yakhe ebizungezwe yonke nge-ribbon ebomvu. Ngaleso sikhathi bese kuqhuma phezulu imikikizo nengoma isha phezulu, ubungafunga ukuthi kuyashadwa.

Isithombe: Izinkumbi zabantu ebezizobungaza noPhumlani evula indlu kagogo wakhe

Ngo-14:57 bese kufikiwe endlini ebivulwa, nethimba loMKHAYA lenze isiqiniseko sokuthi awukho umzuzu odlula ungaqoshiwe. UPhumlani obephethe ukhiye wendlu ulekelele ugogo wakhe ukuvula umnyango. “Kli, kli, kli”, kukikiza abesifazane izihlathi zivakashela izindlebe.

Seyivuliwe indlu ugogo noPhumlani baphuthume bayohlala kosofa abebesendaweni yokuphumula, bathathwa izithombe kwanjeya. Ithimba lethu lithole ithuba lokuyibona lendlu ebivulwa enamagumbi amabili amakhulu kahle. Egunjini lokulala kunendlu yangasese ezomsiza kakhulu ukuthi angalokhu ephuma phandle njengoba esekhulile nje.

Isithombe: Indlu kagogo kaPhumlani ebivulwa

Kuphunyiweke endlini kwabuyelwa etendeni, abesilisa bayohlala endaweni abebehlelelwe yona phandle. Kube sekuphuma okuya ngasethunjini, kwadliwa kwalethwa neziphuzo bajabula abantu. Lithe ithimba lethu selilungela ukuhamba, kwatheleka insizwa edume ngokulungisa izinkinga zabantu basemafemini akwaSithebe nezinye, uSiyabonga Dubazane ehambisana noSbo Nkumbuza odume ngokuphatha imicimbi yobumnandi eMandeni, uBonga Ndaba ongumlingisi nabanye.

Ithimba lethu libe selishaya ikhona, liphuthuma ukuyobuka umdlalo omkhulu we-PSL obuphakathi kwe-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.