ABANTUIzindaba

UZOYIVULA NABALANDELI BAKHE UPHUMLANI INDLU KAGOGO WAKHE

INSIZWA eyi-content creator uPhumlani Gumede kuthe kuleli sonto wamemezela ukuthi uzoyivula ngempelasonto indlu kagogo wakhe ayakhe ngesikhashana nje esifushane. Le ndlu izovulwa ngoMgqibelo, mhlaka-3 Nhlaba 2025.

UPhumlani ongowaseMacambini, eMandeni ubonge kakhulu abantu abamsizile ngesikhathi eqala ukwakha lendlu waze wayiqeda. “UNkulunkulu aze anibusise aniphe amandla amaningi niqhubeke niphumelele empilweni”, kusho yena.

Isithombe: Esinemininingwane yomcimbi wokuvulwa kwendlu kagogo kaPhumlani Gumede

Nokho abaningi bebemnxuse ukuthi athi ukukubambezela ukuvula le ndlu kagogo, bebeka izizathu zokuthi ubazise ngesikhathi esifushane kanti bebefuna ukufika nezipho nokunye.

“Ngenxa yesizathu sendlu ebesihlala kuyona angisakwazi ukulinda ukuthi ugogo ahlale endaweni ekahle”, kusho uPhumlani.

Ngesikhathi ebhala ekhasini lakhe lika-Facebook uPhumlani wamemezela ukuthi uzokwakhela ugogo wakhe indlu enegumbi elilodwa, kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi wabuye wazisa abalandeli bakhe ukuthi useshintshe umqondo indlu isizoba ngamagumbi amabili.

Baningi abantu nezinkampani ezifake isandla zilekelela ekwakhiweni kwalendlu kagogo kaPhumlani.

Umeme abalandeli bakhe abangakwazi ukufika ukuthi babe ingxenye yale nqophamlando. “Uma kukhona ofisa ukuza uvumekelekile noma ngabe kunini..noma ngabe usudlulile umhlaka-3 Nhlaba”, kusho uPhumlani.

UPhumlani uqale ukuthandwa abantu ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi efaka ama-video ku-Tiktok naku-Facebook enza imidlalo ehlukene nogogo wakhe. Etshela UMKHAYA wathi ukwenza lokhu ngenhloso yokutshengisa abantu ukuthi akusibo bonke abantu abasebancane abahlukumeza ogogo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.