EZISEMATHENIIzindaba

I-MULTICHOICE ITHI AYIHLANGANI NOKWASHIWO U-MAC G NGO-MINNIE DLAMINI

INKAMPANI ephethe izinhlelo zikamabonakude ezingaphansi kwe-DStv, i-MultiChoice isikhiphe isitatimende iziqhelelanisa nenkulumo eyashiwo umethuli we-podcast i-Podcast and Chill, u-MacGyver ‘Mac G’ Mukwevho ngoMinnie Dlamini.

U-Mac G washo amazwi amagama angehlanga kahle kwabaningi ezinkundleni zokuxhumana ngoMinnie Dlamini. Sibhala nje kune-petition esayinwayo lapho bonke abacikekile ngokwashiwo u-Mac G benxenxa abantu bakuleli ukuthi bebe ingxenye yokuyisayina ngenhloso yokufaka ingcindezi i-Multichoice ukuthi imiswe ukudlalwa kwe-podcast ka-Mac G.

Abe-MultiChoice okuyibo abaphethe i-Channel O neMzansi Magic bake baveza ukuthi bazosebenzisana no-Mac G ukuveza ezinye iziqephu ze-podcast yakhe kuMzansi Magic noMzansi Wethu. Esitatimendeni sabo bathe isiqephu esiwundaba mlonyeni asikaze sidlale eziteshini zabo.

Bathe: “I-MultiChoice izibophezele ekugcineni izinga lezokusakaza eNingizimu Afrika. Zonke izinhlelo ezigunyazwa ukuba zidlalwe eziteshini zethu ziyacutshungulwa. Lokhu kwenzelwa ukuba kungabi nezinkinga ekuphatheni.

“Futhi senzela ukuqinisekisa ukuthi siyahambisana nokufunwa izinhlangano eziphethe ezokusakaza kuleli, i-Independent Communications Authority of South Africa (ICASA) ne-Broadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA).

“Isiqephu okukhulunywa ngaso asikaze sisidlale”.

I-podcast ka-Mac G esakazwa ku-YouTube ibukelwa zinkumbi zabantu okuyikho okudonse abakwa-MultiChoice ukuthi befune ukusebenzisana naye, nokho ezinye iziqephu ezidlala kuyo zivame ukususa umsindo.

Isiqephu esigxekwayo u-Mac G ubephawula ngesigameko sakamuva esibe sematheni sokuhlukana kukaMinnie nobengumyeni wakhe ongudokotela, uDkt. Brian Monaisa. UDkt. Monaisa uyena owedalula ukuthi obekuphakathi noMinnie kuphelile. Ukuchithile ukuthi ubudlelwane babo buqedwe ubufebe.

“Ngiyakutshela mfowethu, khona into engalungile ngaye [uMinnie]. Hlampe uyanuka noma okuthile. Kuvamile lokhu kulamantombazane amahle”, kusho u-Mac G.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.