UBESATSHWA NJENGABE-WEST OBULAWE EMANDENI
UMLISA obulawe ngeSonto eMandeni, enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali, uLindani ‘Bhesi’ Mthethwa kuthiwa ubesatshiswa okwenyoka kule ndawo njengoba ubeziphathisa ncimishi nemigulukudu edume ngele-West Gang eNanda, eThekwini.
UBhesi ubulawe abantu abangaziwa eMankenganeni khona eMandeni, kanti isidumbu sakhe sitholakale sinenqwaba yamanxeba okudutshulwa.
Abantu abebedlula ngendlela babone isidumbu sikaBhesi sidindilizile emgwaqeni base bebikela amaphoyisa aseSundumbili.
Sibhale lapha engekho osaboshiwe ngokubulawa kwakhe futhi awukho umkhondo obusatholakele ngabambulele.
UBhesi oneminyaka engamashumi amabili nambili (22) ubevele efunwa amaphoyisa ngoxhaxha lwamacala ahlanganisa awokubamba inkunzi nokubulala.
Kuthiwa phakathi kwamanye amacala abefunelwa wona, elokubulala abantu abane (4) endaweni yokucima ukoma elokishini laseSundumbili ngoNhlolanja 2025. Kulabantu kubalwa namaphoyisa amabili ayengekho emsebenzini.

Isithombe: I-Screenshot uLindani ‘Bhesi’ Mthethwa ngokuphunyuka kwakhe emuva kokudubulana namaphoyisa
Ngaphambi kokudutshulwa abulawe abantu abangaziwa uBhesi uke wadubulana kanzima namaphoyisa ehlangene nenkampani yonogada kodwa waphuma ephila engenamyocu. Kuthiwa ube esegijima eyobhala emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana echoma futhi ezibiza ngosomandla ongathintwa.
Kanti akazi ukuthi wenza lokho nje amaphoyisa amlalele unyendle, ahlanganisa isu lokubhekana naye.
Kuthe amaphoyisa esahlela ukuyobhekana naye abe esethola umbiko wokuthi usebulewe.
*Ungalalela lombiko ekhasini loMkhaya ku-Tiktok elithi Umkhaya TV