Izindaba

ABASE-CHINA BANIKELE NGO-R1M WEZINHLEKELELE KWASITHEBE

IZWE lase-China lixhase umphakathi wakwaSithebe ngemali engu-R1 million wokusiza nxashana kuba nezinhlekelele ezidalwa, phakathi kokunye isimo sezulu. Le mali yemukelwe egameni lomphakathi ngungqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu KwaZulu-Natali, uMfu. Thulasizwe Buthelezi.

Lokhu kwenzeke khona kwaSithebe ngaphansi kukamasipala waseMandeni lapho lo mnyango ubuthula umkhankaso wawo wokulungela ukubhekana nezinhlekelele zesikhathi sasebusika.

Kuzombuleka ukuthi ngomhlaka-30 Mbasa 2025 kuzoba nokhetho lokuchibiyela ku-ward 18 khona kwaSithebe, okuyindawo enamafemu asiza abantu baseMandeni ngemisebenzi. Ukhetho lokuchibiyela luza emuva kokubulawa kwekhansela, uMnuz. Phe Mabhida owadutshulwa emzini wakubo.

Amaqembu angenele umbango oshisa phansi kuleya ndawo i-IFP, EFF, ANC kanye ne-MK Party.

UMfu. Buthelezi uthe lemali izosiza kakhulu ezigamekweni zezinhlekelele. Uthe bona njengomnyango sebekulungele ukubhekana nezinhlekelele zesikhathi sasebusika.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com