Izindaba

UMDIDIYELI WEZINHLELO UDUBE U-VVO MKHIZE KUBANGWA IMALI

IZINDABA: Umelaphi odume ngohlelo oluthi Ingono Yomsamo emsakazweni Ukhozi FM naku-SABC 1, uDkt. VVO Mkhize uveze ukuthi ufuna ukukhokhelwa imali engu-R259 000 umdidiyeli wezinhlelo ongaphansi kwe-Barleader Production, uNkululeko Manqele.

UDkt. Mkhize uthe le mali uyenze ngokwethula uhlelo olungena njalo ngoMgqibelo makugamanxa ihora lesihlanu (17:30) ntambama ku-SABC 1 oluthi Ingono Yomsamo.

Ngokubika kwephephandaba, ILANGA uManqele ukhale nge-SABC engabakhokhele imali futhi uDkt. Mkhize waziswa ngalokho.

ILANGA libike ukuthi uManqele usonge ngokuthi uma i-SABC icela ukuba benze enye i-season ngeke besasebenzisana noDkt. Mkhize, kodwa bazothola omunye umuntu ozovala isikhala sakhe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.