Izindaba

UMDIDIYELI WEZINHLELO UDUBE U-VVO MKHIZE KUBANGWA IMALI

IZINDABA: Umelaphi odume ngohlelo oluthi Ingono Yomsamo emsakazweni Ukhozi FM naku-SABC 1, uDkt. VVO Mkhize uveze ukuthi ufuna ukukhokhelwa imali engu-R259 000 umdidiyeli wezinhlelo ongaphansi kwe-Barleader Production, uNkululeko Manqele.

UDkt. Mkhize uthe le mali uyenze ngokwethula uhlelo olungena njalo ngoMgqibelo makugamanxa ihora lesihlanu (17:30) ntambama ku-SABC 1 oluthi Ingono Yomsamo.

Ngokubika kwephephandaba, ILANGA uManqele ukhale nge-SABC engabakhokhele imali futhi uDkt. Mkhize waziswa ngalokho.

ILANGA libike ukuthi uManqele usonge ngokuthi uma i-SABC icela ukuba benze enye i-season ngeke besasebenzisana noDkt. Mkhize, kodwa bazothola omunye umuntu ozovala isikhala sakhe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com