SIJABULILE IMPELA NGOSUKU LWAMALUNGELO, UMBUZO UTHI NGABE SINAWO NA?
KUBE kuhle impela ukuthi siyizwe iNingizimu Afrika besibungaza usuku lwamalungelo ethu njengabahlali bakuleli. Umbuzo enginawo ukuthi ngabe uhulumeni uyasenza yini ukuba sijabulele la malungelo ebesibungaza usuku lwawo.
Njengabahlali kuleli maningi amalungelo engibona sengathi angamalungelo ngegama nje, sigcina ngokuzwa sixoxelwa ngawo kodwa asihlinzekwa ngezidingo ezizokwenza ukuthi sikujabulele ukuba nawo lawo malungelo.
Kuyajabhisa ukuthi sisenamalokishi anemigwaqo eyibhuqu yize izwe Lethu selaba ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi iminyaka
engaphezulu kwengamashumi amathathu (30).
Imigwaqo esihamba kuyo mihla namalanga igqebhukile ungafunga ukuthi kuvulwe imigodi yezimayini. Abanezimoto bakhala mihla namalanga ngenxa yokuthi kufanele bahlale belungisa amathayi ezimoto zabo alinyazwa yiyo le migodi ongangcwaba ngisho umuntu kuyo. Angiyibali-ke eyasemakhaya njengoba abahlali bakhona bengazi nokuthi yini intuthuko.
Kusekhona abantu abasaphuza amanzi nezinkomo yize ukuhlinzekwa ngamanzi kuyilungelo lawo wonke umuntu wakuleli. Izingane zihamba amabanga amade ukuze zikwazi ukuthola imfundo, nayo engekho ezingeni ngaleyo ndlela. Izikole ezifunda kuzo ezinye zazo zingamaxhokovana nje ongafunga ukuthi akhiwe ngokufwe.
Ezinye zezingane azikwazi ukufinyelela ezikoleni uma kuna izulu ngoba kufanele ziwele imifula esuke idla izindwani. Konke njalo lokho kusengukuncishwa kwamalungelo esihlale sithenjiswa wona njalo uma kuzoba nokhetho.
Iningi labafundi abaphasa kahle kumatikuletsheni lihleli emakhaya ngenxa yokuthi alikwazanga ukuthola izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme. Lokhu kubangwa izimo eziningi esingabala kuzo ukungakhiwa kwalezi zikhungo ukuze kwanele bonke abakuleli. Abanye balaba bafundi abakwazanga ngenxa yokwentula izimali yize uhulumeni athembisa imfundo yamahhala.
Intsha yakuleli ijikajika nelanga emakhaya ngenxa yokunganikwa amathuba okuba ikwazi ukuzithuthukisa. Imisebenzi okuhlale kukhulunywa ngayo igcina ibekelwe ‘omntakabani’ uma ungaziwa muntu ugcina uncela izithupha nje. Ezindaweni eziningi abantu sebeyagwazisa ukuze bakwazi ukukusiza.
Abahlali bakuleli abanazwi. Ngaso sonke isikhathi uma bezama ukuveza uvo lwabo ngendlela abokufika abazenzela ngayo kuleli uhulumeni nezinhlangano zamalungelo abantu bavele bathi ‘bacwasa ngokobuhlanga.’ Kungasa ekuseni uma ngingaqala ngibale izigameko lapho abakuleli behlale bezama khona ukuzwakalisa ukunganami kwabo ngendlela uhulumeni enza ngayo uma kufika kwabokufika.
Kuhle impela ukuthi sinalo lolu suku oluyiholidi kodwa inhliziyo icwila emafutheni uma ucabanga ukuthi lokhu kuyafana nje nephupho. Sigcina ngakho nje ukujabuliswa okwesikhashana kodwa akunalungelo esinalo thina njengabahlali bakuleli.
*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za