KUQWASHISWE ABASEMLAZI NGEZIFO EZINGAMAHLALAKHONA
Sihle Msani uMvune
Ziyaqhubeka izinhlangano ezingenzi nzuzo ukuqwashisa imiphakathi eyahlukene mayelana nobungozi bezifo ezihlukene ezifana nesofuba (TB), isandulela ngculazi (HIV) kanye nezinye ezingamahlala khona lokhu kubonakale ngesikhathi zihlangene emtholampiolo wase, esigcemeni sakwa-Q ngoLwesine.
Phakathi kwezinhlangano ebezibambisene bekukhona iZoelife, Siza Community Care, AHF, OSS, ne-AST, ebezikhuluma ngazwilinye ukuthi kubalulekile ukuthi umphakathi ufundiseke kabanzi ngezifo ezifana nesofuba (TB) nobungozi baso ngoba baningi abantu abadlula emhlabeni ngenxa yalesifo nezinye.

Isithombe: Ngesikhathi kuqhubeka ukunikezelwa kosizo izinhlangano zomphakathi kubantu baseMlazi ngoLwesine
UThandazile Ndlovu ongomunye wabahleli balo mcimbi nobheke ukusebenza kwansuku zonke kulo mtholampilo waseMlazi ubonge kakhulu ukuzimisela kwalezinhlango nokungapheli amandla ekusizeni abantu yize imali ingekho kodwa zikhombise ukuwuthanda umsebenzi wazo wokusiza abantu.
Umphathi weSiza Community Care, u-Ayanda Ntanzi uthi yize kunzima ukusebenza njengenhlangano engezi nzuzo kodwa ngeke bayeke isizwe siphela ngenxa yezifo ezifana nalezi bangenzi lutho futhi basazoqhubeka bawenzele umphakathi okuningi njengoba banezinhlelo ezihlukene unyaka wonke.