EZOMPHAKATHIIzindaba

USONGWE NGOMBUKISO WEMFASHINI NEMIKLOMELO OWE MANDENI BUSINESS FAIR & TOURISM EXPO

UMCIMBI wokuthekela ulwazi ko somabhizinisi baseMandeni obusingathwe eSibusisiwe Hall, usongwe ngombukiso wemfashini lapho abasiki bengqephu baseMandeni bebekhombisa khona ngemisiko yabo.

Njengengxenye yokubagqugquzela, kube nemiklomelo ehambisana noxhaso lokulekelela amabhizinisi abo ukuthi anyukele kwelinye izinga.

1) Deem Fashion Designs
2) Gorgeous Designs
3) Luko Designs

Khonamanjalo, osomabhizinisi abebenama-stands aseqophelweni eliphezulu nabo bahlomulile.

3) By Grace Food Affair
2) Sgegede Business Service
1) Mathonsi-Simunye Co-Op

Abanqobile bazolekelelwa, phakathi kokunye abazolekelelwa ngakho singabala i-logo design, business cards, flyers, letterhead, email signatures, company website, pull-pp banners nokunye.

Lo mcimbi uvule imeya kamasipala waseMandeni, ikhansela Thabani Mdlalose. Enkulumeni yakhe yokuvula, uMdlalose unxuse bonke abathamele umbukiso ukuthi bakhance ubudlelwane okuzolekelela ukuthi badlodlobale kulo mkhakha.

“Njengoba sihlangene nje lapha, kuzomele sihlukane sesinazo izindlela zokuthi singenza kanjani ukuthi amabhizinisi ethu akhulumisane, onesitolo sokudla, asondelane nonendawo yokulala, odayisa izingubo asondelane noshuthayo njalo njalo ukuze uma ethola ikhasimende elimdingayo nikwazi ukuxhumana”

Imeya iphinde yaveza ukubaluleka kokuqiniswa kwamaxhama okuxhumana nezinhlaka ezahlukene zikahulumeni kanye nezinkampani ezizimele.

“Siyafisa ukuthi kuqiniswe ubudlelwano nezinkampani ezinezindawo ezingaba izizinda zokuqhuba amabhizinisi, kusemqoka ukuthi sisebenzisane nazo ukuthola izindawo zokusebenzela, ikakhulukazi osomabhizinisi baseMandeni, ukuthi babe nesaphulelo uma bevula izimboni okanye befuna indawo yokusebenza. Likhona ikomidi elibhekelela lokhu, sisebenza kahle kakhulu ukuqinisekisa ukuthi lelo phupho liyafezeka”, kusho uMdlalose.

Umthombo: Mandeni Local Municipality

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.