EzosaziwayoIzindabaUmculo

USJAVA UHOXE UKUQOKELWA KUMA-METRO FM MUSIC AWARDS NGOBA KUNO-EMTEE

SITHINTE abantu abaningi isenzo somculi we-Afropop kuleli, uJabulani Hadebe odume ngelikaSjava sokuhoxa kumncintiswano we-Metro FM, i-Metro FM Music Awards 2025 (MMA) ngoba enzela ukushiyela uMthembeni ‘Emtee’ Ndevu ithuba lokusala evotelwe emkhakheni abaqokwe kuwo bobabili.

Esithombeni: Eminye yemikhakha aqokelwe kuyona u-Emtee kuma-Metro FM Music Awards

Ngokusho kukaSjava, uthe okumenze wangakwamukela ukuqokelwa kulo mncintiswano ukuthi ubefusa ukunika u-Emtee ithuba lokuvotelwa ngaphandle kokuphazamiswa uyena. Uthe ukholwa ukuthi u-Emtee kumfanele naye ukuthola izinto ezinhle.

Umcimbi i-MMA2025 uzoba ngomhlaka-3 Nhlaba 2025 eMbombela Stadium.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com