EzosaziwayoIzindaba

UMSAKAZI ODUMILE WESITESHI SE-SABC OBISHINI LWECALA LESINENE

UNONTANDAKUBUKWA ongumethuli wezinhlelo kumabonakude uvulele icala lesinene umsakazi odumile osebenzela umsakazo omkhulu e-SABC. Lo methuli wezinhlelo uthi lo msakazi wamdlwengula besanobudlelwano bezothando.

Ngokombiko osemaphoyiseni lesi gameko senzeke ngo-2024 ehhotela elise-Sandton, enyakatho yeGoli.

“Ummangali uveze ukuthi babesehhotela yena nobeyisoka lakhe ngesikhathi emhlohloloza ngenkani, emfaka ip*p* embotsheni yokuzikhulula yangemuva, nalapho amtshela khona ukuthi akazizwa kahle ngalokhu akwenzayo”, kusho umbiko wamaphoyisa.

Laba abebethandana banomlando omude wokufakana ezinkantolo njengoba umsakazi eke wavulela obeyintombi yakhe icala lokumehlisa isithunzi ngesikhathi esisodwa yona imfakele isivikelo sokungasondeli kuyo.

Lezi zithandani zibe sebudlelwaneni izinyangana ezimbalwa ngo-2024, nokuyinto edume kakhulu seziqala ukuba nezinkinga kulolu thando lwazo.

Ngesikhathi sicelwa ukuthi siphawule ngesigameko sakamuva sokuvula icala isisulu sinqabile ukuphawula. Umsakazi akaluphendulanga ucingo lwakhe.

Okhulumela amaphoyisa u-Cpt. Sibeko Tintswalo ukuqinisekile ukuthi likhona icala elivuliwe. “Ngingakuqinisekisa ukuthi likhona icala lokudlwengula elivuliwe. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka”, kusho yena.

Yize kungacaci ukuthi ubani lona wesifazane ovulele umsakazi icala kodwa UMKHAYA unolwazi lokuthi umsakazi we-METRO FM, u-Paul Mtirara uvulelwe icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa esise-Sandton ngomhlaka-22 Ndasa 2025. UMtirara wenza uhlelo olungena njalo ngeSonto phakathi kwehora leshumi nambili (12:00) emini nelesithathu (15:00) ntambama ku-Metro FM oluthi The Chill Factor.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.