KUZODEDELWA IZIBOSHWA EZENZE AMACALA AMANCANE EMAJELE AKULELI
UMNYANGO wezokuhlunyeleliswa kwezimilo eNingizimu Afrika ucubungula isiphakamiso sokusebenzisa imali yabakhokhi bentela ukukhokhela ababoshiwe i-bail eqala ku-R1000 kuya phansi, ukuzama ukunciphisa ukugcwala kakhulu emajele.
Lo mnyango uthi baningi abantu abahlulwa ukukhipha i-bail nabakuthatha njengokuhlukunyezwa kwamalungelo abo.
Lesi siphakamiso esiholwa ijaji eselathatha umhlalaphansi, ijaji Edwin Cameron ne-Judicial Inspectorate for Correctional Services (JICS) kuthiwa sizoqala ngababoshwa abanamacala amancane, okumele bekhokhe i-bail eqala ku-R1,000 kuya phansi ukuze kuliwe nenselelo yokugcwala kwamajele.
Ijele i-Westville Medium B kumanje igcwele iziboshwa ezingu-4,000 ekubeni kumele ngabe imumatha ezingu-1,500 nokuyinto efakela umnyango ingcindezi.
Lesi siphakamiso esisamunyungwa kuthiwa sizonika ithuba lokudedelwa kweziboshwa ezenza amacala amancane afana nokweba nokushaya. Lezi ziboshwa zizokhululwa ziyohlala emakhaya zisalinde ukuqulwa kwamacala azo ukuze kuvuleke isikhala seziboshwa eziyingozi emajele.
Nokho abanye bayasigxeka lesi siphakamiso njengoba bethi sizogqugquzela abantu ukuthi benze ubugebengu ngoba bazi ukuthi ngeke bejeziswe.