KUHLONGOZWA UMNYANGO OMUSHA OZOVALA ISIKHALA SE-STATE SECURITY AGENCY (SSA)
UMENGAMELI wakuleli uMnuz. Cyril Ramaphosa usesayine umthetho i-General Intelligence Laws Amendment Bill. Enye yemicilikisho equkethwe ilomthetho ochitshiyelwe ukuqedwa kwe-State Security Agency njengomnyango kahulumeni bese kuvalwa isikhala sayo ngeminyango emibili ehlukene.
●Umnyango wokuqala omusha uzobizwa nge-Foreign Intelligence Service (FIS), wona uzobhekana nokuhlanganisa ezobunhloli bezangaphandle. Ukubheka amathuba kanye nengcuphe engabeka izwe engozini.
●Umnyango wesibili uzobizwa nge-Domestic Intelligence Agency, wona uzobhekana nokuhlanganisa ezobunhloli bangaphakathi ezweni. Okuphosela inselelo ezobunhloli bezwe, amathuba kanye nengcuphe engabeka izwe engozini.
Kusenjalo umnyango wezobunhloli usuyichithile imibiko evele emasontweni edlule lapho kudalulwe ukuthi ungqongqoshe ehhovisi likamengameli uKhumbudzo Ntshavheni (osesithombeni) usebenzisa uphiko lwezobunhloli ukulandela izindlela zabo bonke abangamalungu e-ANC okusolwa ukuthi bagaqele isikhundla sokuba umengameli waleli qembu kwingqungguthela yalo elandelayo.
Kuthiwa loluphiko lusezithendeni zabaholi abaphezulu ku-ANC kuhlanganisa usekela mengameli we-ANC, uMnuz. Paul Mashatile, usihlalo we-ANC eGauteng uPanyaza Lesufi, unggongqoshe wezokuvikela uNkk. Angie Motsekga, obengumluleki kamengameli wezwe uBejani Chauke nongqongqoshe wezokuxhumana namazwe omhlaba nokubambisana, u-Ronald Lamola.
Amaphepha i-Sunday World ne The Citizen abhale ukuthi kunombiko obizwa nge ‘Sibonkolo Report’ oqukethe amanyundululu alabaholi okuthiwa balandelwa uphiko lwezobunhloli ngomyalelo kangqongqoshe ehhovisi lezobunhloli, uNtshavheni.