EzosaziwayoIzindaba

KUBEKWE ISAMBA SIKA-R10K KOZOVOTELA KAKHULU U-PENNY NTULI

INTANDOKAZI yezigidi zabantu bakuleli engumsakazi weJozi FM seyicele omzala (abalandeli bayo) ukuthi beyovotele emincintiswaneni yezindondo emibili eqokwe kuyo, i-1st Annual South African Music ne Social Media Awards njenge-Best Media Personality.

Esithombeni: Imininingwa ngeimikhakha avotelwa kuyona u-Penny Ntuli nokuthi uzovotelwa kanjani

Ngokusho kuka-Penny ozothola amavoti aminingi uzohamba uzokhala emuke nemoto entsha ceke i-Toyota Starlet 1.5 nemali engu-R20 000.

“Asenze kanje mala, ngicela ningivotela bomzala”, kusho u-Penny.

Ukuze uvotele u-Penny ungathumela umyalezo othi SAMSMA 131 kulenombolo ethi 47439.

U-Penny uthembise abalandeli bakhe ukuthi uma enqobilela, kuzothi ovote kakhulu azihambele no-R10 000. ” Ngizocela lemoto ukuyipha umzala wam oyedwa layikhaya njengesipho sokubonga”, kusho u-Penny.

U-Penny usakaza uhlelo oluthi ‘Mid Morning Chat’ olungena phakathi kwehora lesishiyagalolunye (09:00) neleshumi nambili (12:00) ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Ukuvota kuqale mhlaka-1 kwephezulu kanti kuvala mhlaka-30 Nhlaba 2025.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com