Imibono

IKUSASA ALAZIWA

LITHATHA osemnyango limubeke emsamu lithathe osemsamu limubeke emnyango, amazwi enginokuwezwa njalo, uma kukhona osebukisa ngomunye ngoba impilo isamuhambela kahle.

Masingathatha ukubheka intsha yesimanje akuve kungabantu abazithandayo abahlala bebahle futhi bebukeka emehlweni abantu mihla namalanga. Iningi ulibona ngendlela eligqoka ngayo ukuba ikusasa liqhakazile noma cha, kepha singeke sahlulela ngalokho ukuba ikusasa limuphatheleni umuntu ngoba kuyenzeka ukuba ukhule kahle ngemfundo uziphethe kahle konke ukwenze ngendlela okuyiyona kepha isiphetho sakho singabi ilokhu obukulindele.

Ungagcinela emgwaqeni usudla nezidakamizwa, omunye aphenduke ihlongandlebe agcine ewumdlwembe uze umuphikele ukuth wake waba ingane ehloniphekile ezithandayo okanye ebihamba nesonto.

Kuningi okungaba imbangela yalesi siphetho empilweni, kungaba ukuba indlela umuntu abeziphethe ngayo ekhula, kungaba umthelela wokujabulisa abangani, kungaba umthelela wokungazazi kahle ukuba ufunani empilweni kepha uyenza ngoba wenzela abazali. Kungaba umthelela wokugxila kakhulu eziyobisini egameni lokudla ubusha isikhathi sisavuma okunye kungaba umthelela wengcindezi oyitholayo emphakathini nasekhaya wokuba ubuwaziwa njengesihlakaniphi ngakhoke sekulundeleke lukhulu kuwena.

Abantu abadala babeqinisile uma bethu ikusasa alaziwa ingakho kumele uhlezi uzithobile, uhlonipha ungacwasi ngobulili, isimo sokuphila, iminyaka nobuhlobo ngoba awazi ukuthi ubani oyokuphakamisa empilweni noma akutakule obishini oyobe ubhekene nalo ngaleso sikhathi. Usizo esikhathini esiningai siluthola lapho singalindelanga khona ukuba singaluthola khona.

Omunye umkhulu omdala engake ngadibana naye wangishiya namazwi athi: “Mzukulu ugqoke kahle uyabukeka futhi unenhlonipho ngisho kumuntu ongamazi ibambe kanjalo ngoba elokufa kalitsheli, kanti nempumelelo ngokunjalo ungahle uyithole kumuntu obungalindelanga kuyena ikusasa alaziwa“.

Umuntu nomuntu unendima ayidlalayo empilweni yomuntu ingaba yinhle futhi ingaba yimbi kepha kohlezi kunesifundo esikucijela ikusasa. Osekuqala ukuba impicabadala ukuthi kunezingane ezisuka emaphandleni nasemakhaya emizini ethe ukunotha kancane kepha zinempakamo exaka usathane bese kuba ilezi ezikhulele ezindaweni zasemadolobheni nasemalokishini iningi alibinayo impakamo kusanokungidida kungiqede lokhu ukuthi imbangela iyini ngempela.

Masiyeke ukubukelana phansi noma ngabe lokho kuyimfundiso oyihosha kwamanye amalunga omndeni igweme, ungakufaki ekhanda ukuthi uncono kunabanye abantu.

Imibono kaMthetheleli Meyiwa izimele, akubhalayo kulengosi kuyimicabango yakhe kanye nakubonayo empilweni nsukuzonke

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.