Izindaba

BASINDE BEBHEKENE NABASIKWASIDLODLO ABEBEYOBAMBA INKUNZI

AMAPHOYISA anele ezwa ngophiko lwezobuhlakani ukuthi khona abahlela ukuyobamba inkunzi omzini othile ose-Resevior Hills, KwaZulu-Natali angachitha sikhathi anikela khona. Athe mayefika ayibona imoto ebichaziwe ukuthi ithwele abasolwa.

Athe uma esondela ngakuyo ezama ukuyimisa abasolwa badubula bebhekise ngakuwo amaphoyisa, zase zidudulana.

Ngokushesha amadoda amathathu acele umaluju, kucaca ukuthi amaphoyisa asejokweni lokufeza umbandela kasigaxamabhande omkhulu esifundazweni. Athe mayepequlula emotweni athola izibhamu ezinkulu kanye nebhomu elibizwa nge-grenade.

Kunamaphoyisa amabili okushushuluze izinhlamvu phezu kwamakhanda awo, kodwa athole ukwelashwa khona endaweni yesigameko abezimo eziphuthumayo.

Ngokusho kwamaphoyisa, emuva kophenyo lwesikhashana kutholakale ukuthi abasolwa kunoxhaxha lwamacala abebevele befunelwa wona ahlanganisa awokubanjwq kwezimoto zemali abawenza kusukela ngo-2021. Uphenyo lusaqhubeka ukubheka ukuthi awekho yini amanye amacala abathinteka kuwona.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.