EZEMISAKAZOEZISEMATHENIIzindaba

UMPHATHI WOMSAKAZO ONA-40 USHA NESOBHO EMUVA KOKUVEZA UKUTHI WAJOLA NONA-17

KUMSHUBELE umphathi womsakazo i-CUT FM emuva kokuphahluka adalule ku-Podcast ukuthi uke wajola nesinqamathe esineminyaka eyishumi nesikhombisa (17).

Esithombeni: I-logo ye-CUT FM

U-Laila Nnyane (osesithombeni) oneminyaka engamashumi amane (40) ungumphathi wesiteshi sabafundi i-CUT FM, esise-Central University of Technology (CUT) e-Bloemfontein e-Free State. Isuse umsindo nokugxekwa inkulumo ayenze esiqeshini se-podcast i-Spreading Humours eyethulwa u-Seemah, Yanda Woods no-Zilleisthat ukuthi wake wajola nomuntu ona-17. Ubizwe ngesikhohlakali, abanye bathi kuzofanele achaze kabanzi ngesenzo sakhe asenza esaneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu (35).

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com