Imibono

UNGAWAFAKI AMANZI EMKHUNJINI WAKHO UZOCWILA

UMA uzijezisa ngamaphutha owawenza esikhathini esedlule ufana nomuntu ongenisa amanzi emkhunjini. NguNkulunkulu kuphela ongalenzi iphutha. Zixolele uzame ukuqhubeka nempilo.

Uma uvumela izinhlamba, namanga, inhlebo nakho konke okubi okushiwo nabantu ngawe kuntshontshe isikhathi sakho, ngokulokhu ukucabanga, umkhumbi wempilo yakho uzocwila. Uzozithola unengcindezi emqondweni ugcine sewukhohlwa ukuzinaka nokunaka izinto ezibalulekile. Uma umkhumbi wempilo yakho sewucwila uqala ngaphakathi kuwe. Uzizwa impilo isikwesinda isifana nomthwalo. Lapho ugcina sewuvakashelwa yimicabango emibi. Kungenzeka ugcine ufuna ukuzibulala ngethemba lokuthi uzothola ukuphumula. Ungagcina usungene ezidakamizweni okanye ebugebengwini ngenxa yokusindwa umthwalo ongaphakathi kuwe. Usathane ujabula kakhulu uma ubhekene nezinselelo ngoba uthola ithuba lokukusebenzisa uma wehluleka ukumelana nezimo.

Khumbula ukuthi usathane uyasizonda isiqalo sezinto ezinhle. Nakanjani uzokuhlasela uma wenza okuhle. Akanandaba ukuthi uyini okanye unani namuhla, kepha into emhlanyisa kakhulu ukuthi wena uzoba yini okanye uzoba nani ngomuso. Bese eqala ehlasela. Kanti futhi uyakwazi ukusebenzisa abantu abaseduze nezinto ozithandayo ukuze akunqobe.

Yebo engakulinga ngaleso sikhathi kepha ungavumi usathane akhe umuzi enhliziyweni yakho. Uma umvumela akhe ngaphakathi kuwe, unembeza uzophuma kugcine sekubusa usathane.

Izinto ezisiza ukuthi umkhumbi wakho ungacwili ukuthi kube khona izinto ophokophela ukuzifeza ngempilo yakho. Akube yizinto ezingaphambene noMdali wakho. Akube yizinto eziyokusiza zigcine sezisiza nabanye abantu.

Uma unenzondo engapheli, unomona, unenhliziyo embi, ungafuni kwenza lutho ukuzisiza lokho kuyowucwilisa umkhumbi wempilo yakho.
Zazi ukuthi ungubani, uphumaphi futhi ubhekephi ngempilo yakho. Uma ungasekho emhlabeni imuphi umlando oyowushiya ngawe?.
Phila ngendlela yokuthi igama lakho kube khona lapho livulela khona izingane zakho okanye abasondelene nawe amathuba.

Imuva lakho laziwa nguwe. Ungalivumeli likushonise phansi. Kunalokho lisebenzise ukuthi likhiqize umuntu iphimelelayo. Akulona iphutha lakho ukuthi uzalwa emndenini odonsa kanzima kodwa kuyoba yiphutha lakho ukuthi uzale umndeni otabalasayo. Sebenza ngokuzikhandla isimo sakho kumele sibe ngconywana kunesabazali bakho. Gqabula leso siqalekiso somndeni. Ungavumi ukukholelwa ukuthi nalwelwa ukuhlupheka, lokho kufana nokungenisa amanzi emkhunjini wakho.
UJehova ukwethembile. Methembe nawe noma ngabe izimo azivumi.
Kuzolunga.

Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.