Imibono

UMASIPALA WASETHEKWINI WEBE UMSEBENZI KASBUSISO DUMISA

AMANDLA abantu awangadliwa besaphila. Ezinyangeni ezidlulile ngike ngalandela udaba mayelana nombono kaSbusiso Dumisa onenkampani ekhuculula udoti kanye nemfucuza nodumile kakhulu eMlazi. Le ndoda iqhamuke nento engajwayelekile, lapho yaphakamisa ukuthi kube ne-league yama-amateur yebhola yabadlali abaneminyaka engaphansi kuka-13, 15, 17 no-19.

Ukwenza okungajwayeleki, indlela okujoyinwa ngayo kule-league nobekufanele amaqembu afuna ukuba inxenye yayo aqoqe udoti ofana nezigumbu zo-plastic zamadiliki ezingasasebenzi okubizwa nge-recycling.

Usibizile singabezindaba ezoyithula le-league nalapho sabona amaqembu ephume ngobuningi bawo nokuyilapho umasipala wawuthanda lo mbono bamsiza ngendawo yokuwuthula nowenzelwa eKing Zwelithini Stadium .

Ngithe ngiyabona ezinyangeni ezidlule umasipala weTheku usuwenze into efana ncamashi nalena kodwa uDumisa engabonwa nangakhalo, nokwaba izinkomba zokuthi bafuna ukumuka nawo lo msebenzi wakhe, ngasala ngizibuza ukuthi bahlukephi kubantu abahlale bekhala ngabo bethi badla imsebenzi yabantu kakhulukazi labantu abafuna u-30% kubantu uma ethole i-tender ethile.

Musani ukuba amasela afaka amasudi nothayi nezisu ezinkulu nicashe ngamahhovisi kanti nani niyizigebengu nintshontsha imsebenzi yabantu. Uma umuntu engafuni kuninika umsebenzi wakhe seniyomuvalela yonke iminyango nihlangene nabangani benu enifuna ukuba ogombela kwesakhe nabo.

Ngiphinde ngikhale ngenhlangano yebhola yaseMlazi, uMlazi Football Association ningothathekile, anizwani ninodwa maxoki naqale navuma ukuthi lombono usebenze sekuhamba isikhathi seniyashintsha ngoba nisaba ukuphumela obala noma nikhulume iqiniso ukuthi lombono okabani, kanti lento ibizohamba ibanga elide.

Besizobona abafana abaningi beqhamuka ngaphansi kwalo mncintiswano ngoba nani nicabanga ngezisu anisabuki ikusasa seniyawuphikisa umbono kanti nanikhombise ukuwuthakasela ngenxa yokuthi anifuni omunye umuntu aqhumuke nento ehlukile senivala yonke iminyango.

Sengilibeka phansi ipeni ngithi kukhona konke enikwenzayo anisazenzeli nina kodwa nenzela ikusasa lezingane zabantu bakithi, ngelinye ilanga ngeke ngithuke uma ngizwa ukuthi umncintiswano ofana neKhabba Cup okuyiyona enabalandeli bebhola abaningi kuma-amateur eMlazi sekuthiwa akuseyona ekaManqoba Mkhize owadumo esadlalela i-Kaizer Chiefs nowafunda khona eMlazi, Usine ujeqeze nawe Khabazela, amasela ayawunyonyobela umsebenzi wakho omuhle.

*USihle Msani uMvune uyintatheli ezimele

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.