Izindaba

UMEHLOKABONI KA-R3K KONGASIZA NGOLWAZI NGABAPHANGE ISHIBHI EMTUBATUBA

AMAPHOYISA aseMtubamtuba asebeke eceleni imali engu-R3000 engumehlokaboni kongasiza kutholakale abasolwa abaphange indawo yokucima ukoma edumile eMtubatuba, iKhula Village.

Kuthiwa kutheleke abantu abangaziwa behlome bezingovolo kulendawo engaphandle kwase-St. Lucia ngabo-22:30 ngoMsombuluko ebusuku, badubula kwafa unogada osebenza khona kule ndawo edume ngokuthi kukaZwide. Emuva kwalesi sigameko amaphoyisa aseMtubatuba abe eseqalisa uphenyo ngecala lokuphangwa kwebhizinisi kanye nokubulala.

Okhulumela amaphoyisa aseMtubatuba, u-Lieutenant Sbusiso Mkhize uthe amaphoyisa athungatha abasolwa abane abangaziwa abamataniswa nalesi sigameko.

“Kusolwa ukuthi ngesikhathi ummangali eselungiselela ukuvala indawo yakhe, futhi ematasa nokubala imali, ubone amadoda amane abesolisa engena ngaphakathi ephethe izibhamu. Oyedwa wala madoda uqonde ngqo kuye wamkhomba ngesibhamu”, kusho u-Lt. Mkhize.

“Ufune ngenkani ukunikwa imali notshwala. Umsolwa uthathe isamba semali esingaziwa notshwala elingakaziwa inani lakho. Emuva kwalokho umsolwa uphumile kule ndawo yokucima ukoma wase edubula kabili emoyeni. Umnikazi wale ndawo ubabonile abanye abasolwa abathathu abebelinde ngaphandle benyamalala nalona obemkhombe ngesibhamu.

“Umnikazi wendawo ube esephumela ngaphandle eyobheka unogada, wathola ukuthi udutshulwe esandleni sokunxele. Ube esephuthunyiswa emtholampilo oseduze nokuyilapho ashonele khona”, kusho u-Lt. Mkhize.

Uthe amaphoyisa asekhiphe umehlokaboni ka-R3000 kongasiza ngolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa. Ongaba nolwazi ngalesi sigameko angaxhumana nomphenyi wecala kule nombolo ethi 082 890 8612.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.