OWOKUTHUTHUKISWA KOMNOTHO E-KZN UQWASHISE ABATHENGI NGAMALUNGELO ABO EMLAZI
Sihle Msani uMvune
Bebephume ngobuningi babo abahlali baku-ward 83 eMlazi eThekwini ukuzobungaza nongqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho kanye nezokuvakasha KwaZulu-Natali, uMfu. Musa Zondi usuku lwamalungelo abathengi kanye nokuphepha kokudla (world consumer day and food security).
Ekhuluma kulombungazo uMfu. Musa Zondi uthe ubona usizi lubhalwe ebusweni kubantu baseMlazi ngenxa yesimo abaphila ngaphansi kwaso sokuphelelwa imisebenzi kanye nenkohlakalo eqhubekayo kakhulukazi komasipala, yokugwazelwa kwabathile uma abantu befuna imisebenzi. Ube esecela umphakathi ukuthi uqaphele izindawo kanye nezitolo othenga kuzo ukudla ukuze nabo bewumnyango kahulumeni baqhubeke nemikhakaso yokulwisana nezindawo ezihlukumeza amalungelo abathengi ngokudayisa ukudla osekudlulelwe iskhathi, nosekudlule nemiphefumulo eminingi.
UMfu. Zondi uthe zibalelwa ku-23 000 izitolo ezidayisa ukudla (tuck shops) ezagcina zikwazile ukubhalisa ngokusemthethweni Kwazulu Natal futhi ulindele ukuthi omasipala bavale eziningi kakhulu ezingabhaliswanga ngesikhathi esasibekwe uhulumeni kazwelonke.
Okuphinde kwagcizelelwa ukuthi kumele bafundiswe abathengi ngamalungelo abo, kakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya kanye nasemalokishini lapho uthola ukuthi izitolo zixhaphaza abantu ngoba bengawazi amalungelo abo.
Ikhansela laku-ward 83 khona eMlazi, uMnuz Bheki Mngwengwe ukhale ngokuthi izinkinga ababhekene nazo kule zinsuku abantu abakhali ngezindlu kodwa inkinga enkulu ukubhidlika komthangala lapho bakhe khona ngenxa yesimo sezulu esiguquka imihla namalanga nokumele bazame amaqhinga kanye namasu amasha okubhekana naso.