Izindaba

KUBOSHWE ABABILI NGOKUBULALA UMLIMI BEBA NEMFUYO YAKHE

UMLIMI waseMalamulele oneminyaka engamashumi ayisithupha nambili (62) ubulawe emuva kwezinsuku ezimbili ethole ukuthi webelwe izinkomo ezintathu epulazini lakhe elikuyo leyandawo. Uphenyo lwamaphoyisa lube seluholela ekuboshweni kwamadoda amabili athinteka kulesi sigameko.

Ngokombiko wamaphoyisa umlimi, u-David Netshilaphala wasesigodini saseXikundu wabheka izinkomo zakhe kusihlwa ngomhlaka-27 Nhlolanja 2025 wathola ukuthi ezintathu kuzona azisekho.

Kuthe emuva kwezinsuku ezimbili amaphoyisa asesiteshini iSaselamani abikelwa ukuthi uNetshilaphala unyamalele. Kusabalale emphakathini futhi kwathusa abaningi ukunyamalala kwakhe njengoba engumuntu owaziwayo.

Umphakathi ube usuphuma inqina ubheka abasolwa abenze lokhu. Kushiswe imizi eyisithupha yabantu abebesolwa ngokubulala uNetshilaphala.

Amaphoyisa abe esebopha amalungu omphakathi amabili abesolwa ngokuphehla udlame emphakathini, oyedwa uboshelwe icala lokuphazamisa ukuthula.

Kube sekuqhubeka ukubhekwa kukaNetshilaphalanakwezinye izigodi eShimausa naseTiyani Magoro kwaze kwaba uMsombuluko, mhlaka-10 Ndasa 2025 nokuyilapho abaphenyi bethole ulwazi oluholele ekuboshweni kwabasolwa ababili, oneminyaka engamashumi amabili nanye (21) noneminyaka engamashumi amathathu nanye (31).

Ngesikhathi bephonswa ngemibuzo bagcine ngokuvuma ukuthi balenzile icala, base beyalela amaphoyisa lapho bethukuse khona isidumbu sikaNetshilaphala. Umndeni usibonile wavuma ukuthi uyena.

Laba ababoshiwe bavelile enkantolo, iMalamulele Magistrate’s Court ngoLwesibili, mhlaka-18 Ndasa 2025 lapho bebhekene khona necala lokubulala nokweba imfuyo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.