Izindaba

UKHUZANI UCELA UKUSIZWA

ISILOMO somculi kamaskandi kuleli, uKhuzani Mpungose obuye aziwe ngelithi ‘Indlamlenze’ ugubha iminyaka eyishumi nanhlanu (15) esendimeni yomculo ngokubuyisela emphakathini. Ngokusho kwalo mculi uthe unesifiso sokusiza abafundi ababhekana nobunzima ukukhokha isikweletu se-National Students Financial Aid Scheme (NSFAS).

Baningi abafundi abasizwe uKhuzani ebakhokhela imali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakame kanti omunye wabo nguDkt. Nqubeko Langa (26) oyi-intern e-Addington Hospital eThekwini.

Lo mculi osanda kuhlabana ngemali engu-R25 000 kumncintiswano wengoma ehlukanisa unyaka emsakazweni wesiXhosa, uMhlobo Wenene FM ngengoma ethi iMbongolo uthe njalo uthola izicelo kubafundi becela abakhokhele ezikoleni.

Ukugubha iminyaka engu-15 esemculweni uzophinde enze umcimbi omkhulu ozobizwa ngokuthi i-Blue Nation Festival ozoba se-Carnival City ngoMgqibelo, mhlaka-22 Ndasa 2025. Ucele umphakathi ukuthi umeseke ukuze akwazi ukusiza anafundi abaningi.

Isithombe: Imininingwane yomcimbi kaKhuzani

“Abantu bangeseke kakhulu kuleminyaka engu-15 edlule, nami sekuyithuba lokuthi ngibaseke kakhulu labo abaludinga kakhulu usizo lwami njengabafundi”, kusho yena.

“Ngithola inqwaba yama-emails nemiyalezo yabantu becels usizo futhi abaningi kubona abafundi. Abanye bakweleta i-NSFAS, ngakho nginqume ukuthi ngibasize. Kodwa ngeke ngikwazi ukwenza lokhu ngedwa. Sengiqale uhlelo lokukoleka imali lapho umphakathi uzokwazi nawo ukuphosa”, kusho uKhuzani.

Uthe kunohlelo lokuthumela imiyalezo ukuze abantu babambe iqhaza nabo kulo mzamo wakhe.

“Lolu hlelo lokuqoqa imali lusobala. Inhloso ukusiza abafundi ukuthi bethole imfundo. Ngikholwa ukuthi kubalulekile ukusiza isizukulwane sakusasa. Ngifisa ukukwenza lokhu minyaka yonke kuze kufike lapho ngikwazi ukuvezela umphakathi labo engibasizile”, kuphetha uKhuzani.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.