UCELA USIZO UMFANYANA (18) WASE-KZN OGILA IZIMANGA KWI-TENNIS
Sihle Msani uMvune
SIKHALA ngosizo isihlabani somdlali wethenisi uSphelele Nzama (18) ongomunye wabadlali ophume ngaphansi kwenkulisa yalo mdlalo ese-Westridge, eThekwini. USphelele odabuka ezakhiweni zase-Cato Crest wenza ibanga leshumi nanye (Grade 11) e-Mayville Secondary. Lo mfundi udinga imali elinganiselwa ku-R10 000 ukufezekisa iphupho lakhe lokuyomela isifundazwe saKwaulu-Natali emidlalweni yezikole ezobanjelwa e-Bloemfontein e-Free State ngenyanga ezayo uMbasa.
Leli thuba liqhamuke ngemuva kokuba egile izimanga emidlalweni yakamuva ebibanjelwe ePitoli, lapho iqembu laKwaZulu-Natali laphuma isibili, kubadlali abaneminyaka engaphansi kweyishumi nesishiyagalolunye (19) nokuyilapho aphinda wakhethwa ukuba abe ngobunye wabadlali abangase bamele iNingizimu Afrika emidlalweni yamazwe. Ukleliswe waba sendaweni yesibili (2) KwaZulu-Natal kanti ezweni lonke ubekwe waba sendaweni yamashumi amabili nambili (22) kontanga bakhe. Kamuva kuke kwavela ukuthi le nkulisa okuvela kuyo lo mdlali ingase ivalwe ngenxa yokuswela imali kwenhlangano iThekwini Tennis Association kanye nokudonsa izinyawo kukamasipala weTheku.

Isithombe: USphelele Nzama ongowesibili esithombeni neqembu lakhe le-tennis
U-Kim Hayes, ongunobhala weThekwini Tennis Association uthe bazama konke okusemandleni ukuthi bafeze amaphupho alo mdlali inkinga enkulu ukungabi nayo imali kwenhlangano yabo nokungabi khona kwabaxhasi abazobalekelela uma kuvela izimo ezifana nalezi zikaSphelele njengoba ekhuliswa. Uthe ucela bonke osomabhizinisi kanye nabafisa ukulula isandla kule nkinga yalo mdlali bangangabazi kwazise [uSphelele] usazobalwa nabahamba phambili iNingizimu Afrika yonke kulo mdlalo wethenisi maduze. Bangaxhumana nabo kwinombolo yasehhovisi labo ethi (031)2612527.