UBAMBE UDADEWABO (16) NESOKA (15) EMBHEDENI WALIFUTHA NGE-DOOM EMASENDENI
OWESILISA waseMalelane esifundazweni iMpumalanga uthele isibhaxu emuva kokubamba udadewabo oneminyaka eyishumi nesithupha (16) enza ucansi nomfanyana oneminyaka eyishumi nanhlanu (15) ekhaya lakubo. Kubikwa ukuthi udadewabo walona wesilisa ufunda ndawonye nomfanyana abanjwe naye benqunu ekamelweni elisendlini eyodwa nelala abazali bentombazane.
Ngokwesitatimende esisemaphoyiseni, umfanyana igama lakhe okungu-Andile Ndwandwe nentambazane uLuthando Manzini bafunda ibanga lesishiyagalombili (grade 8) kanti intombazane isiliphinda okwesibili leli banga.
Kuthiwa u-Andile ubejwayele ukuya kubo kwentombazane eyofunda ngenhloso yokuyisiza njengoba idonsa kanzima ezifundweni i-mathematics ne-english. Kube nokuvumelana phakathi kwabazali babo bobali laba ngonyaka odlule ukuthi umfananyana lo afike emzini wakwaManzini ukuzosiza indodakazi yabo.
Ngesonto eledlule ngabo-01:00 ekuseni umfowabo kaLuthando ufike kungazelele muntu wafica izincwadi zisaphazeke yonke egunjini lokuhlala kubo, wabe eseqonda egunjini likadadewabo nokuyilapho abathole khona benza ucansi nomfanyana abefunda naye.
Akachithanga sikhathi umfowabo kaLuthando uthele isibhaxu kubona bobabili kanti udadewabo uzophunyuka kwasala isoka lakhe, walinenebula nge-fanbelt yemoto laze lamayoywana. Kuthiwa usuke lapho wathatha i-Doom walifutha ngayo emasendeni nasembotsheni yokuzikhulula.
Emuva kokuzwa umsindo bavukile abazali bathuka bebona indodana ivuke umbhejazane iqhubeka ifutha umzimba umfanyana lo umzimba wonke nasemehlweni futhi engasakhuzeki. Kuthiwa obekumcasula kakhulu ukuthi sekunesikhathi ezwakalalisa ukungenami ngokufika kwalo mfanyana obekuthiwa uzosiza udadewabo ezifundweni zesikole njengoba esebathola benza ucansi kubo.
Kuthiwa okunye obekucasula umfowabo wentombazane ukuthi ibimenzela izindimbane zokudla mayesekhaya lakubo.
Abazali bentombazane bazwakalise ukumangala ngesenzo salaba ababanjwe benza kwazise bebengakaze bekucabange okwenzekile. Okubakhathaza kakhulu ukuthi laba bese kuphele izinyanga eziningi befunda bobabili, nosekungaqondakali noma bebevele bephila ngakho ukwenza ucansi emuva kokubukabuka izincwadi.
“Ngizizwa ngiwumzali ohlulekile ukunakekela indodakazi yami, bekufanele ngiyibone lento isaqala nje”, kusho unina kaLuthando.
“Ngiphoxekile ngesenzo sendodana kaNoluntu, u-Andile. Ubengalala kanjani nengane yami emzini wami. Mina ngamvumela ukuthi azofunda, ayi lamanyala. Ngiphoxekile”, kusho yena.
Uthe lokhu okwenziwe indodana yakhe unikela emaphoyiseni ukuthi enze akubonayo. Uthe lokhu akwenzile ukuthi afuthe omunye umntwana nge-Doom kube isenzo esibi. “Umama eneqiniso ngokucasuka kwakhe bekumele afuthe nodadewabo amehlo nesitho sakhe sangasese. Ngizamile ukumkhuza ngahluleka, anginamandla ungiphebezile ngaziwela. Ngiyazi ukuthi abantu bazongehlulela. kusho uNkk. Manzini.
Umama ka-Andile uthe ufisela indodana yakhe ukuthi ilulame ngokushesha. “Ekuqaleni bengingathandi ukuthi indodana yami iyofunda nentombazane emzini wakwaManzini ngoba ngiyazazi izingane ukuthi zinjani. Kwaba uyena umama wakhona owathi akunankinga angafika, manje buka ingane yami kungenzeka ingaboni impilo yayo yonke ngenxa yokufuthwa nge-Doom”, kusho yena.
Uthe okunye okungenzeka ukuthi mhlampe indodana yakhe idlwengulwe iyona intombazabe njengoba indala kunayo. “Kodwa angithandi ukukhuluma ipolitiki ngoba bengingekho, ngeke ngahlulele kodwa ngizothandazela indodana yami ukuthi isinde”, kuqhuba yena.
U-Andile uphuthunyiswe esibhedlela emuva kwalesi sigameko nokuyilapho elaliswe egunjini labalimele kakhulu. Ngesikhathi sibhala kubikwe ukuthi akakakhulumi futhi uzokwenza esakhe isitatimende uma esekwazi ukukhuluma.
Amaphoyisa athungatha uSenzo, umfowabo kaLuthando odume ngelikaSdumo (25) ogcwale amathafa emuva kokwenza lesi senzo. ufunelwa icala lokuzama ukubulala nokushaya ngenhloso yokulimaza u-Andile. Ngokusho kuka-Cst. Ndlovu, amaphoyisa awaneme ngamazwi ashiwo uNoluntu, othe uzobiza umfowabo ka-Andile, uZakhele ukuze azophindiselela umfowabo kuSenzo. “Uzothola ukuthi lowo Zakhele akazi lutho ngomthetho, bekumele bona njengabazali behlale phansi bebonisane ngalento. Asikho isidingo sokuqhubeka nodlame”, kusho u-Cst. Ndlovu.