INDAWO KATSHATHA IQEDIWE KU ‘SIGIYA NGENGOMA’
UMSAKAZO wesiZulu, Ukhozi FM umemezele izinguquko ezinhlelweni zawo njengoba kulindeleke ukuthi imisakazo eminingi yenze ushintsho kubasakazi nasezinhlelweni zayo ngomhlaka-1 Mbasa. Lezi zinguquko zimenyezelwe abaphathi boKhozi FM ababambile, uBusani Mthembu ongumphathi wesiteshi, uMandla Mdletshe ongumphathi wezinhlelo noLwazi Mthabela ongumphathi wezokukhangisa ngoMsombuluko ohlelweni iVuka Mzansi Breakfast Show.
Kulezi zinguquko alusalanga ngaphandle uhlelo oluthandwa abaningi oluthi Sigiya Ngengoma olungena njalo ngoMgqibelo phakathi kwehora lesishiyagalolunye (09:00) ekuseni neleshumi nambili emini (12:00). Lolu hlelo lusakazwa isilomo somsakazi uKhathide ‘Tshathugodo’ Ngobe kanye noBingelela Mpanza. UNgobe ubanjiswe lolu hlelo emuva kokushona isigubhukane kukaBheka ‘Beekay’ Mchunu.
Kumenyezelwe ukuthi uVusizwe Langa obuye abe ngumfundi wezindaba zesiZulu ophikweni lwezindaba lwe-Newzroom Afrika Izindaba Zethu kuMzansi Wethu, nguye osezodudula lolu hlelo lukamasikandi.
ULanga ongowokudabuka eNkandla, wenza uhlelo olufanayo emsakazweni waseGoli, iJozi FM lapho abalandeli bomculo kamasikandi kulo msakazo bemazi ngelika ‘S’dudla Mavis’.
Lo msakazo waseGoli usanda kujoyinwa yisilomo somsakazi waseThekwini, naso esesizakhele igama ekuphatheni uhlelo emicimbini kamasikandi, u-Penny Ntuli.
Umsakazi abaningi abebemagange ukuthi kuzokwenzakalani ngaye, uSiya Mhlongo akabuyeli kulo msakazo njengoba kungacaci ukuthi kwenzakalani ngecala lakhe lokushaya owesilisa owayeyisoka lakhe. Uhlelo obelenziwa uMhlongo oluthi Ubusuku Obuhle olungena phakathi kwehora lesishiyagalombili (08:00) luphele phakathi kwamabili ebusuku (00:00) seluzokwenziwa uNkosinathi Mshengu.
Kubajabulisile abaningi ukuzwa ukuthi Ukhozi FM lubuyisa isiphalaphala esinguSthandwa Nzuza. Ngesikhathi lo msakazi oyisikhwishikhwisi ehamba Okhozini akuqandakalanga ukuthi konakalephi njengoba singadalulwanga isizathu sokuhoxiswa kwenkontileka yakhe.
USthandwa Nzuza uzozwakala ngezimpelasonto, ohlelweni obelwenziwa uKhetha ‘KSG’ Gwala oluthi Chillaz.
Uhlelo obelwenziwa uZanele Mbokazi njalo ngeSonto phakathi kwehora lesishiyagalolunye (09:00) ekuseni neleshumi nambili (12:00) emini, naye oshone isidumo emuva kokuxinwa isifo esingaqondakali seluzokwenziwa uPhindi P. Lolu hlelo olubizwa ngokuthi Eshilo belubanjwe uThembeka Zondo.
UMafresh usezokwenza i-Top 20 njalo ngoMgqibelo phakathi kwehora leshumi nambili (12:00) nelesithathu (15:00) ntambama. Isikhala kulolu hlelo sivulwe ukuhamba kukaMandla ‘Njinji’ Magwaza ozishiyele yena kulo msakazo emuva kwesikhashana kusule obengumphathi siteshi, uSbongi Ngcobo.
Azikho ezinye izinguquko ezenziwe Ukhozi FM nokuyinto ekhalise abalaleli abaningi njengoba bekhala ngokungathuthuki kwazo lezinhlelo futhi kwenza umsakazo ume ndawonye kungabi nezithako ezintsha kuzo.