AKHATHAZEKILE AMALUNGU OMNDENI NGOKLAJWE NGAMAFOSHOLO WANYAMALALA
AMALUNGU omndeni wowesilisa wakwaMdletshe eMseleni, KwaZulu-Natali obhaxwe kanzima umphakathi wase enyamalala uthi awusabazi ubuthongo njengoba sekuphele izinsuku eziyisishiyagalombili (8) indodana yabo ingatholakali. Lona wesilisa oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili (28) ubudala okunguMxolisi Mdletshe wagcina ukubonakala ethathwa ubaba owaziwayo endaweni elingadalulwangwa igama lakhe kuze kube uvela enkantolo.
Kubikwa ukuthi wamthatha waya naye kwakhe wafika wamshaya kanzima ngezimpama nangamafosholo, waphinde wamfaka ku-swimming pool eqhubeka nokumshaya nabashana bakhe.
Ubaba kaMxolisi ekhuluma neMaputaland Community Radio News (MCRN) ngoMsobuluko uthe bona bezwa emuva kwesikhathi ukuthi indodana yabo ishaywe kanzima, babe sebeya emzini wakhe lona wesilisa beyobuza ukuthi ingane ibishayelwani futhi ikuphi, bathola engekho lona wesilisa kwathiwa useManzengwenya. Uthe bamlinda waze wabuya base bembuza, wathi uyithintathintile ingane wase eyidedela ngoba ingene kwakhe yathatha umshini wokugunda ikhanda. Nokho uthe kubaxakile lokho ukuthi ingane yabo ingene kanjani emzini wakhe ngoba kubiyiwe futhi kunezinja .
Uthi ube esetshelwa omakhelwane abebebuka kushaywa indodana yakhe ukuthi indlela eshaywe ngayo beyingeke ikwazi ukuhamba. Uthe babe sebeya nasezibhedlela ukuyoyibheka khona kodwa lutho ukutholakala kuze kube manje.
Eqhuba ngezwi elinosizi nobuhlungu uthe: “Asibulali ubuthongo nezinhliziyo sezibuhlungu ngoba phela lo baba uthi wayithintathinta ingane wase eyidedela kodwa kuze kube manje ingane yami asiyitholi. Esengikucela ukuthi isandla somthetho siqine ukuze kukhishwe ingane yami. Sesidinga nje ithambo layo yize singanalutho makuphoqa ukuthi siyincwabe ngekhathoni sokwenzanjalo”, kusho yena.
Eshayelwa ucingo isiteshi somsakazo i-MCRN umsolwa kulolu daba ucingo lwakhe beluvaliwe. Emuva kwesikhathi kutholakale ukuthi usesitokisini ulinde ukuyobingelela imantshi.
Kusenjalo induna yendawo uMnuz. Nhlenyama ithe lo mfana ubengahluphi muntu futhi engagangi ngoba ubethi noma efika emakhaya abantu ubefike ezicelele ukudla aphinde azidayisele namabhodlela. Induma ithe lona wesilisa owashaya lo mfana kwala ngisho esetshelwa ukuthi umfana akaphilile kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba wayeshaywa nangamafosholo.
UMnuz. Nhlenyama uveze ukuthi kusasa (ngoLwesibili) bazohlangana bewumphakathi mayelana naloludaba kanti kuzobe khona namaphoyisa aseMbazwana.