EZISEMATHENIEzosaziwayoIzindaba

UHLANGANISA EYOKWAKHA ISITEZI NGOKUDAYISA IZIMOTO U-KING ZOSO?

SEKUQUBUKE ukukhuluma emuva kokuba usaziwayo wasezinkundleni zokuxhumana, uSphiwe Ntombela odume ngelika-King Zoso edalule ukuthi usedayisa izimoto egaraji elidayisa izimoto elisenkabeni yedolobha eThekwini i-Hundai Durban Central.

Isithombe: U-King Zoso engaphandle kwegaraji elidayisa izimoto i-Hyndai Durban Central

Nakuba abaningi bebemhalalisela u-King Zoso ngomsebenzi omusha losaziwayo kodwa abanye bebesho ukuthi usezokwazi ukuqedela isitezi sakhe asakhayo ahlezi esifaka ezinkundleni zokuxhumana. Naye ufake umbhalo ekhasini lakhe lika-Facebook ebonga umsebenzi wakhe omusha.

“Ngiyabonga ngomsebenzi omusha ngisazozama ukuqedela isitezi imali ayikho”, kusho yena.

Muva nje u-King Zoso ufake isitezi sakhe ezinkundleni zokuxhumana esisesigabeni sokufakwa uphahla.

Isithombe: Isitezi esisakhandwa sika-King Zoso

Uqale ukukhuluma ukuthi uzokwakha isitezi kusavulwa isiza lapho abebeke khona umjondolo abeqube kuwo njengoba ubenzela ukuba seduze nendawo okwakhiwa kuyo.

Uyaziwa u-King Zoso ngokufaka ama-video ezinkundleni zokuxhumana lapho esuke ekhuluma nabantu abehlukene emicimbini ehlukene kuhlanganisa nabaculi bakamaskandi, abanye eveza obala izimfihlo zabo nokunye okuningi. Miningi imikhiqizo aseke wabonakala eyikhangisa u-King Zoso kanti naku-YouTube ama-video akhe enza kahle kakhulu njengoba i-video ebukwa kakhulu kule nkundla ihlomula ngenkece enhle.

Izindaba ezimnandi kakhulu ukuthi lo msebenzi u-King Zoso awunikwe abakwa-Hyndai Durban Central uhambisana nokuhamba ngemoto yabo i-Hyndai i10 noma kuphi lapho ethanda khona.

Kwi-video ayifake ku-Facebook uthe izimoto zicoshwa phansi kuleli garaji azosebenza kulo, wabe esegqugquzela labo abasebenzayo ukuthi bengathenga izimoto bandise eminye imisebenzi abangathola ngayo imali kwazise isimo somnotho simanzonzo. Abafuna ukuthenga izimoto kuyena bengaxhumana naye kule nombolo yocingo ethi: 0678902702.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.