UBOSHWE NGECALA ELIBUCAYI OBEYOVULELA INTOMBI ELOKUSHAYA
UBOSHWE ama-Hawks eyovulela intombi yakhe icala esiteshini samaphoyisa sasePitoli, uPhandelani Klaas oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye (39) emuva kwengxabano ebiphakathi kwabo.
UPhandelani uxabane nentombi yakhe ngoNhlolanja wabe eseya esiteshini samaphoyisa ngenhloso yokuyivulela icala, nayo ibe isimvulela okuphoqe ukuthi athathwe izithupha kwase kuvela ukuthi uke wafunwa uthuli amaphoyisa eminyakeni eyishumi nanye edlule (11) ngecala lokukhwabanisela ibhange.
Emuva kokuba uPhandelani wanyamalala lapho abesebenza khona eDutywa, e-Eastern Cape ngo-2014 ube esethutha eyohlala ePitoli yize bekunencwadi egunyaza ukuthi aboshwe ayithole ngo-2014 eMthatha.
UPhandelani ubesebenza njenge-financial branch controller eDutywa lapho okusolwa ukuthi wathumela ngokungekho emthethweni imali engu-R270 000 kuma-account abantu abasondelene naye abangakatholakali namanje. Ngokuhamba kwesikhathi umphathi weziko abesebenza kulo ukwazile ukubona ukuthi khona okushaya amanzi wabe esebikela amaphoyisa abe eseqalisa uphenyo.
Kodwa kuthe amaphoyisa esahlela ukumbopha wavele wanyamalala.
Kuze kwaba uNhlolanja lapho uPhandelani nentombi yakhe bexabane khona baze balibangisa esiteshini samaphoyisa sasePitoli. Njengoba kuye kuthathwe izithupha umuntu mayeboshwa naye zithathiwe ezakhe kanti kuzovela ukuthi amaphoyisa ake amzingela ngecala lokukhwabanisa.
“Utshelwe ukuthi akalinde kancane uzosiswa”, kusho okhulumela ama-Hawks u-Anele Fumba emuva kokuba amaphoyisa ethole ukuthi uyafuneka vele. Uboshwe khona esiteshini samaphoyisa.
Uvele enkantolo i-Pretoria Magistrate’s Court ngomhlaka-28 Nhlolanja 2025 wase ehlelelwa ukuthi athuthwe ayiswe lapho okwavulwa khona icala. Ube esevela enkantolo yase-Eastern Cape, iMthatha Specialised Commercial Crimes Court ngomhlaka-7 Mbasa 2025, lapho abekwe khona icala ngokusemthethweni.
Ube esekhishwa nge-bail ka-R2000 Kanti uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-26 Mbasa 2025.