KUKHALWA NGE ‘BHOKLOLO’ LOMPHEKI ELIBHONYA IZINGANE NOZAKWABO ESIKOLENI
BASAMANGELE abazali emuva kokuzwa ukuthi kunowesifazane ongumpheki esikoleni iFunowakhe Primary School kwaNongoma okuthiwa ubhonya izingane zabo. Kuthiwa lona wesifazane uke wabhonya omunye wabasebenzi, uThembile Dlamini onguzakwabo (apheka naye) amshaya kanzima kodwa okungacaci ukuthi yini eyaholela kulokho.
Kuthiwa lona wesifazane muva nje ushaye ingane esikoleni, igama layo okungu-Asanda Mlambo, eyisola ngokushaya ingane yakhe ifunda ibanga le-R.
Ngokusho kwabasondelene nalolu daba lona wesifazane usekuqedile ukudla kwesikole. Kuthiwa uyakuthutha njalo ebusuku akuyise kwakhe, kanti okunye uyakudayisa.
Ubatshazwa ngokuba ibhoklolo njengoba engachithi sikhathi makumele ashise isimbambamba.
UNqubeko Ndlela okunguye oqale ukubika lolu daba uthe uzwe kuthiwa uthishomkhulu wesikole ukhiphe umyalelo wokuthi angabe eseza esikoleni ngoba usenecala lo kushaya ingane.
Le ngane kuvele ukuthi uyishaye kanzima yaze yaphuthunyiswa esibhedlela isimo sayo singesihle.
Nakuba eyalelwe uthishomkhulu ukuba angezi esikoleni kodwa namuhla [ngoMsombuluko] uvuke waya ngenkani waya esikoleni ngenkani. Abasondele nalolu daba bathi ufukanyelwa omunye wesifazane osehlelweni lwe-nutrition khona ngaphakathi esikoleni.
Le ngane ayishayile kuthiwa beyiyophaka ngesikhathi eyishaya. Kuthiwa ngesikhathi sekumele kuphakelwe yona uvela waphakamisa ngolabhabha wempama yaphephuka yayothanqazeka phansi. Kuthiwa ngesikhathi eyishaya ubelokhu eyimemeza ethi ishaye ingane yakhe, izolutheza olunkume.
Ngokusho kukaNdlela lolu udaba angeke aluphumuze njengoba esebhalele nehhovisi likamphathiswa womnyango wezemfundo, uMnuz. Sipho Hlomuka.