Imibono

ABOKUFIKA KULELI BAHLINZEKWA NGEZINSIZA UKUDLULA ABOMSINSI

UKUNGABI namgogodla kukaHulumeni wakuleli sekwenze ukuba abakufika kuleli bazitamuzele nje ezinsizeni ezibekelwe ukuzisa abomsinsi wokuzimilela kuleli. Inkohlakalo, ubugebengu nokuthanda imali kwezinye zezikhulu zikahulumeni sekuvule intuba esiza abaphuma emazweni angaphandle ukuba kube yibo abahlomula kakhulu ezintweni ekusuke kufanele zabelwe kuleli.

INingizimu Afrika iyizwe lokuqala lapho abokufika benamalungelo ngayo. Izingane zabokufika kuleli zifunda ezikoleni ezibiza imali eshisiwe kodwa abanye babazali bazo abakhokhi ngisho isenti leli. Kuba ukuyifaka nje ingane esikoleni leso bese bebhalisela izinhlelo zikashwele ezibenza bangakhokhi besebenzisa ukuthi beze kuleli ngokuzobhaca. Kuba lula kubo ukuba zamukelwe izicelo zabo zokuthi bathi abanamali kwazise iningi labo abanayo imali engena emabhange njengoba benza amabhizinisi afana nokudayisa nokunye.

Okubuhlungu ukuthi uma umzali walapha ezama lezi zindlela zokubhalisela labo shwele ushoniswa le nale aze agcine ephele amandla isicelo sakhe singaphumeleli. Konke lokhu akuzenzekeli kodwa kwenziwa abasebenzi bakahulumeni abagcwele inkohlakalo, abacabanga ngokuzicebisa bona kuphela. Angithi phela bavumela ukuba bafumbathiswe imali yibo laba bokufika.

Angiyiphathi-ke indaba yokwenzeka edolobheni iGoli kanye naseThekwini lapho laba bokufika bedla amabhilidi akulamadolobha bahlale kuwona simahla. Inqwaba yamabhilidi akulama dolobha asephethwe abantu bokufika iningi labo elingawathenganga la mabhilidi.

Emasontweni angemangaki edlule bekune-video ikhombisa abokufika kuleli begqekeza ibhilidi abebekhishwe kulona iziphathimandla enkabeni yedolobha iGoli. Bakhishwa kuleli bhilidi nje ngoba kwenziwa imizamo yokuthi kuliwe nale nto yabo yokuvele bangene emabhilidini bahlale mahhala bangafuni ukukhokha.

Emalokishini amaningi akusavumelekile noma ubani ukuba adayise. Isibonelo nje, eKatlehong okuyilokishi eliseMpumalanga neGoli, awuvumelekile ukudayisa emigwaqeni uma ungeyena owokufika ophuma eMozambique. Iliphi nje izwe owake wezwa umhlola onjengalona wenzeka kulo.

Impela leli zwe selihambile kulabo okungelabo futhi iningi labakuleli libukeka seliyivumile induku. Akumangazi-ke nokho lokho ngoba phela uma abakuleli beke bathi bazama ukuveza uvo lwabo ngalolu daba izinhlangano zamalungelo abantu kanye nezikhulu zikahulumeni zivele zithi abakuleli bacwasa ngokobuhlanga abokufika. Umbuzo-ke okufanele sizibuze wona ukuthi koba nini abantu bokufika bezenzela kuleli sithule singavunyelwe ukuba sisho ukuthi sizizwa kanjani. Impela ngiyafisa ukwazi ukuthi osopolitiki bethu basithengisa ngamalini le engaka eyenza ukuthi basiyekelele kanje.

*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.