UDALULE IMFIHLO YOKUDONSA IMINYAKA ENGU-50 EMCULWENI OWE-SOUL BROTHERS
KUYIQOPHAMLANDO ukuthi iqembu lomculo lidonse iminyaka engamashumi amahlanu (50) ngaphandle kwezinselelo njengoba siye sibone kulamaqembu omculo entsha asungulwa manje. Kulo nyaka iqembu elenza umculo obizwa ngomgxobanyawo i-Soul Brothers ligubha iminyaka engu-50 lasungulwa.
Leli qembu eladuma ngengoma ethi Mama KaSibongile lizoba nemigubho lapho lizobungaza khona nabalandeli balo ngesitayela.
Ogandaganda base-Afrika okuyigama leli qembu elidume ngalo liveze ukuthi kulolu chungechunge lwemigubho yalo lizobe linezigcawu zokufundisa intsha ngomculo, ikakhulukazi lena efuna ukugxila kulolu hlobo lomculo eliwenzayo.
Omunyw wabasunguli be-Soul Brothers, uMoses “Black Moses” Ngwenya (66) ozalwe eDube, eSoweto utshele i-Dail Sun ukuthi imigubho yabo izoqala eMpumalanga ngomhlaka-29 Mbasa 2025. “Umgubho wethu wokuqala uzoba se-Bethal Town Hall eMpumalanga lapho esizobe sijabula khona nabalandeli bethu”, kusho yena.
“Sizobe sesiya KwaZulu-Natali, siyophinde sihlele ezinye izinsuku nezindawo esizoya kuzo kwezinye izifundazwe”, kusho u-Black Moses.
“Ngizobe ngenza ama-video ukuze kusizakale labo abangeke bekwazi ukuya. Ngihlela ukuhlangana nabantu abasha abanethalente ngenhloso yokuthuthukisa amathalente abo, ikakhulukazi abenza uhlobo lomculo wethu.
“Yithi esiqale umbhaqanga futhi asifuni uphele uma sifa. Ngaphambi kwethu bekukhona umgqashiyo obuwenziwa uMahlathini, Izintombi Zesimanjemanje nabanye. Bona bebengayisebenzisi i-organ nokuyinto eyengezwe ithina ukuze kusunguleke uhlobo olusha lomculo.
Uthe ukuze umsebenzi womculo udonse isikhathi eside kufanele uwuthande, uwenze njalo, uzame ukuzithuthukisa futhi ungajahi imali. Uhloniphe abalandeli ngoba ibona abalalela umculo wakho.
Ngesikhathi begubha iminyaka engamashumi amane (40) basungula iqembu eminyakeni edlule bakhipha i-album eyayiyingxenye yemigubho yabo. U-Black Moses uthe bahlela ukukhipha enye futhi nakulokhu njengoba begubha iminyaka engu-50 basungulwa.
“Kulonyaka sihlela ukukhipha into ethe ukuhluka njengoba kwezinye izingoma sizokwengeza ama-piano. Sisazothatha isinqumo ukuthi ibaphi abaculi esihlanganyela nabo”, kusho yena.