EzosaziwayoIzindaba

LUGUJWE NGESITAYELA OLOKUZALWA KWENDODAKAZI KA-DJ TIRA

U-DJ Tira nomkakhe uGugu Khathi babhalele indodakazi yabo imiyalezo ngokuhlukana ngosuku lwayo lokuzalwa igubha iminyaka eyishumi.UChichi ozalwa ngomhlaka-23 Nhlolanja uyindodakazi yalaba yokuqala emshadweni wabo.

Ebhala ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana uGugu uqhakambise impilo enhle ayiphile nendodakazi yakhe kuleminyaka eyishumi edlule.

Uthe uyaluthokozela uthando nentokozo elethwe indodakazi yakhe empilweni yakhe selokhu yazalwa. “Kusukela ngesikhathi ufika empilweni yami waletha umthangala wenjabulo, intokozo nothando olugcwalisa inhliziyo yami nsuku zonke”, kubhala yena.

UGugu uchaze ukubona indodakazi yakhe ikhula njengesibusiso esikhulu empilweni yakhe. “Ngifuna wazi ukuthi ngizohlale ngikhona ukukuseka, ngikugqugquzele futhi ngikusize kunoma yini oyiphoselwa impilo”, kusho yena.

Ugqugquzele uChichi ukuthi abambe onke amathuba avelayo empilweni, alwele ukufeza amaphupho akhe ngokungesabi futhi aqonde ukuthi uma kwenzeka ewa kuyobe kuyingxenye yohambo lwakhe.

“Noma yini ohlangabezana nayo izobe izokuhlomisa ukuthi ube umuntu ovelele empilweni okumele ube uyena”, kusho yena.

Uphethe umyalezo wakhe ngokufisela indodakazi yakhe usuku oluhle. “Ube nosuku oluhle lokugubha iminyaka eyishumi, ndodakazi yami enhle! Ube neminye iminyaka eminingi emangalisayo enenjabulo, ukufunda nothando. Ngifuna wazi ukuthi ngiyohlezi ngiziqhenya ngawe futhi ngiyohlezi ngikweseka kunoma yini oyenzayo empilweni. Uthokozele usuku lwakho, ngelosi yami – ufanelwe yikho konke okuhle emhlabeni”, kusho uGugu.

Muva nje u-DJ Tira usanda kufaka izithombe ezaqoshwa kugujwa usuku lokuzalwa lukaChichi, lapho kwakumenywe khona abangani nomndeni. U-DJ Tira ufake umbhalo obuhambisana nezithombe obuthi: “Awu Chichi usuneminyaka eyishumi ntombazane ujahephi. Usuku oluhle lokuzalwa ndodakazi yami enhle”.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.