Imibono

KWAZE KWAKUHLE ENGIKUBONE EGINGINDLOVU

KULEZI nsuku ezedlule ngiwumuntu obephithizela ngapha edolobheni elincane elisenyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali, eGingindlovu. Kuleliya dolobha kuhambela kakhulu abantu basezindaweni ezifana neDokodweni, Ematigolo, Evutha nezinye.

Bengiphithizela khona nami njengoba kukhona ebengikuhlanganisa nokuyikhona okuthe ukungiphazamisa kulo msebenzi wokubhala kuMKHAYA kulezi nsuku ezedlule. Nakuba bengingaqali ukuya khona kodwa engikuqaphelile njengoba ngibe nezinsukwana ngikhona ukuthi kuhlanzekile ngendlela eyisimanga, ikakhulu ezindaweni ezingamapaki nezinye zomphakathi..

Angazi noma kwenza ukuthi lincane vele lela dolobha kodwa ngihlabeke umxhwele ngengikubonile. Kunesikhathi lapho engike ngasaba ngisho ukulahla ushekhasi ebengiwuphethe ngenxa yokuthi bengizobe ngiphambana nenjwayezi yendawo.

Lapha e-rank yamatekisi ngithandile ngibona ematafuleni okudayisa, umnotho ujikeleza kwabengabadi. Ne ‘genge’ le eyehla yenyuka idayisa okusanyama, nokunye beyisikhuluma kahle isiZulu. Angifuni ukungasho kuhle lokhu okwenzeka eGingindlovu.

Angazi iqondiswa ubani leyanto kodwa ngiyazi ukuthi kufanele kube ukuthi ubuholi bedolobha nezinye izinhlaka kubanjiswene ukuqinisekisa ukuthi kunjeya.

Engikuthandile ukubona abafowethu bakuleli benza lemisebenzi kwamanye amadolobha oye ubone yenziwa abofika, ngithokozile futhi ngaba nethemba ukuthi izinga lobugebengu ngeke lande laphana ngoba into yakhona iphethwe ngendlela. Akekho umuntu ongathi wenza ubugebengu ngoba akanathuba nendlela yokuziphilisa.

Noma ngingenasiqiniseko ukuthi ubani owenza kube njeyana laphana kodwa ngiyalingeka ukucabanga ukuthi ubuholi bukamasipala, osomatekisi, osomabhizinisi kanye nezinhlaka zokuphepha babambisene futhi uyawubona umphumela omuhle wokusebenza ngokubambisana.

Angincomi iGigindlovu ngoba kungekho okuhle engingakusho ngeMandeni engingowakuyo kodwa iqiniso lihle abaholi bethu kukhona lapho bedembesela khona. Into yabo ayinanzika. Uzinzo nokukhathalela inhlalonhle yabantu akukho nhlobo kubo kepha okuphambili ukuthi bona nabasondelene nabo baphila kanjani.

Sengiphetha ngiyafisa ukukhuthaza abafowethu ngapha eMandeni ukuthi kekubhekwe ukuthi yini engenziwa edolobheni eMandeni, bese kuyiwa kumasipala (Local Economic Development office) acelwe ukuba axhase lowo msebenzi, ngiyazi ukuthi sesiyenqena ukuzama izinto ngenxa yobunja nobugovu bosopolitiki kodwa ake kuhlulekwe kuzanyiwe zingane zakwethu.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.