EZEMPILOIzindaba

KUQINISWE IDOLO ABADLA IMISHANGUZO YENGCULAZI

UNGQONGQOSHE wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi usezwakalise ukuthi elakuleli liyazithengela imishanguzo ethithibalisa igciwane lengculazi (Anti-rectoViral-ARV), ngakho ngeke kuphazamiseke ukuhlinzekwa kwabantu. Usho kanje ehlisa amaphaphu kwabacabanga ukuthi kuzophazamiseka ukuhlinzekwa ngemishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane.

UMotsoaledi usho lokhu phezu kokuba uhulumeni wase-US, ehoxise uxhaso lokusiza amazwe lokulwa ne-HIV, isifo sofuba i-TB, nezifo ezithathelana ngokocansi.

“Ama-ARV siyazithengela kuleli. Uxhaso lwe-Pepfar oluvela eMelika, lusiza ukukhokhela abanye abasebenza ngaphansi kwalolu hlelo. Noma uxhaso lungasekho, ukukhishwa kwama-ARV kuzoqhubeka kuleli,” usho kanje uNgqongqoshe.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma ephalamende njengoba bekunenkulumo mpikiswano ngokuhoxiswa kwalolu xhaso. Uveze ukuthi banezinhlelo abazenzile bewumnyango ukuzama ukuhlangabezana nalesi simo.

“Sandise abasebenzi ezikhungweni obekusebenza kuzona ohlelweni lwe-Pepfar. Sigqugquzela abadla imishanguzo ukuthi bathathe eyezinyanga ezintathu, hhayi njalo ngenyanga. Sihlela nokuthi senyuse izinyanga zibe yisithupha ukuze kwehle umthwalo ezikhungweni zezempilo. Ngale ndlela abantu ngeke baye njalo emitholampilo beyolanda imishanguzo yabo,” kuchaza uMotsoaledi.

Uqhube wathi umengameli wase-US, u-Donald Trump akalikweleti lutho elakuleli.

“U-Trump akasikweleti lutho ngokuthi kumele aqhubeke noxhaso. Sisodwa manje, kumele sifunde ukuzimela. Singathembeli kwamanye amazwe.”

Uthe uxhaso lwe-Pepfar belukhokhela abasebenzi abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu (15 000), kubasebenzi abangu-271 606, abasebenza ngaphansi kohlelo lokusabalalisa imishanguzo.

“Abasebenzi abangu-256 042 bakhokhelwa uhulumeni wakuleli. Ngakho bambalwa abasebenzi abaphelelwa yitoho ngenxa yokunqanyulwa kwalolu xhaso unomphela.”

Uveze ukuthi bamatasa bafuna abantu abangu-1.1 million, abangayidli imishanguzo yabo kuleli.

“Kumele kushaye uLwezi kulo nyaka sesibatholile, badle imishanguzo yabo. Sizobafuna noma yikuphi ngoba kudingeka beyidlile imishanguzo yabo.”

Uveze nokuthi behlise isibalo sezingane ezizalwa ne-HIV zafinyelela ku-7 640, uma ziqhathaniswa nezazalwa ngeminyaka edlule.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.