ABAKUHULUMENI BABAMBEZELA INTUTHUKO KWEZEMIDLALO ZAKULELI
NGEMUVA kweminyaka engamashumi amathathu nanye (31) izwe lase Ningizimu Afrika lathola inkululeko, kodwa ukuthuthukiswa kwezemidlalo kubukeka kusalele emuva kakhulukazi imidlalo ebithathwa njengeyabantu abamhlophe kuphela phambilini,esingabala ithenisi, ezokubhukuda, ikhilikithi, ibhola lomphebezo, kanye nebhola lombhoxo.
Baningi ongqongqoshe asebeke baphatha kwezemidlalo abafike bathembise abantu izulu nomhlaba kodwa bahluleke bancame ukufeza lezo zethembiso. Siyaqhubeka nokubona abantu bebala elinsundu bebancane emaqembini esizwe,esingabala kusuka kowaba ungqongqoshe wokuqala wezemidlalo ngaphansi kwentando yeningi, uSteve Tshwete.
Ngaphansi kuka mhlonishwa uTshwete ephethe ezemidlalo ngo-1994 yize inkonyane yayisathuka isisinga kuningi okuhle esakubona kwenzeka. Okokuqala ngoba kwathi ngo-1995 sabona iqembu lesizwe lo mbhoxo (amabhokobhoko) lithatha indebe yomhlaba eyayibanjelwe kuleli, yize kwabanjalo kodwa kwabonakala ukushoda kwabadlali abamnyama. U-Chester Williams kuphela webala elimnyama owayekhona ekulelo qembu.
Kwenziwa izethembiso kwathiwa kuzophela iminyaka elishumi abadlali abamnyama sebelingana nabamhlophe kuleli qembu lesizwe lakuleli kodwa nanamhlanje kusakhalwa ngokungameleleki kwabanyama kuleliqembu.
Ngonyaka ka-1996 kwabakhona imidlalo yama-olympics ayebanjelwe e-Atlanta eMelika, lapho okwagqama khona intokazi yakuleli u-Penny Heyns ngokuthi ithathe izindondo zegolide ezimbili, abaphethe bathembisa abantu kwathiwa eminyakeni ezayo sizobona ababhukudi abamnyama besimele maduze emdlalweni efana nalena, nanamhlanje sisalindele owebala elimnyama ebalwa eqembini lakuleli lababhukudayo.
Emuva kuka-Steve Tshwete kwangena uNgcode Balfour njengogqongqoshe kwangathi uza nalukhulu kodwa kwahlanga zimuka nomoya. Emdlalweni wekhilikithi kwavela uMakhaya Ntini kwathiwa bayeza nabanye abadlali abamnyama namanje leliqembu lisaba nabadlali ababili noma abathathu abamnyama uma liya emiqhudelwaneni yomhlaba.
Bonke ongqongqoshe bezemidlalo abake baphatha singasho ngokungananazi ukuthi bahlulekile ukwenza uguquko kwezemidlalo. Kulabo ngqongqoshe singabala uFikile Mbalula, Nathi Mthethwa noZizi Kodwa. Ukwesekelwa kwalamidlalo kuncike kakhulu kulabo abadla izambane likampondo ngoba izinhlangano eziphethe kulemidlalo ezifana ne-Cricket SA ne-SARU amalungelo okuyisakaza bayidayisela iziteshi ezikhokhelwayo zikamabonakude ezifana ne-MultiChoice okwaziwayo ukuthi inhlangano eyenza inzuzo.
Ezinsukwini ezedlule ngike ngabona isihlabana se-tennis esazalelwa kuleli kodwa sakhulela e-Switerland ethula inhlangano yakhe ye-tennis kuleli, okuhloswe ngayo ukufukula abantu abaningi abanethalente, ngazibuza ukuthi ngabe bazokwazi yini ukufinyelela ezindaweni ezisemakhaya noma kusazolandwa bona omntakabani. Noma ngikhala ngentuthuko egqozayo kwezemidlalo kodwa kungijabulisile ezinyangeni ezedlule eKapa ngibona unompempe (empire) we-tennis omnyama kweminye yemidlalo eyiphethe kahle ngenhlanhla ngigcine ngikwazile ukukhuluma nayo lensizwa enguSiyanda Mvubu, yachaza ukuthi isuka eKZN futhi ingomunye wabo onompempe bokuqala bebala elimnyama kuleli futhi ukhule ewudlala lo mdlalo kodwa wangakwazi ukufinyelela ezingeni labakhokhelwayo ingakho esaba unompempe ngoba uyazifela ngawo.
Sengilibeka phansi ipeni ngithi uMnuz Gayton McKenzie okunguyena ungqongqoshe wezemidlalo njengamanje kuleli ngaphansi kukahulumeni wobumbano (Government of National Unity-GNU), yize esanda kungena kulesikhundla kumele akhuphule amasokisi angafani nabangaphambili kwakhe ngoba naye uyongena ngaphansi kwalaba abakade bephethe abengenzanga kahle, kodwa bebejabulela ukushayelwa amalambu aluhlaza bahlale kuma-VIP, badla ukudla kwamahhala kodwa bebe bengabenzeli lutho abantu abathanda ezemidlalo.
*USihle Msani uMvune uyintatheli ezimele