AKUKHO OKUZOSHINTSHA EMPILWENI UNGAKAWUSHINTSHI UMQONDO
WENA ungokhethiweyo futhi udalelwe impumelelo. Sebekusho konke abakuthandayo, bakupenda ngombala othandwa yibo kepha kuyogcina intando kaMdali ngawe.
Emhlabeni abantu bazokuqhathanisa bekukale bese besho ukuthi kufanele ngabe wenza ukuthi okanye kumele ngabe sewunokuthi ngalesisikhathi. Kokunye bakuqhathanisa nabantu obaziyo noma neminyaka yakho.
Inkinga ke lapha ukuthi izinkinga zethu azifani, ukucabanga kwethu akufani futhi uJehova akasihleleli ngokufanayo. Izinto eziningi ezishiwo ngabantu ngathi kwabanye okanye kithi uqobo ziyasakha noma zisilimaze. Yingakho ke kubalulekile indlela ocabanga ngayo nobuka ngayo izinto.
Iqiniso ukuthi abantu bayakhuluma. Uma uthatha ngenhliziyo konke abakushoyo bese ukholelwa kukho uzolimala emoyeni. Guqula indlela obuka ngayo izimo. Isitha siyakwazi ukukucasula ukuze uhluthuke bese wenza into ongayicabanganga.
Umkhumbi olwandle ucwiliswa amanzi angene phakathi kuwo. Ngaleyondlela nawa qaphela izinto ozifaka enhliziyweni nasemqondweni wakho ngoba zinamandla okukucwilisa uma zizimbi.
Akunawo umthelela omkhulu ukuthi abantu bathini noma bacabangani ngawe, okunamandla kakhulu ukuthi wena uthini futhi ucabangani ngawe.
Qala namuhla uzame ukushintsha indlela ocabanga ngayo. Cabanga futhi uzitshele izinto eziphilisayo futhi ezikunika ithemba. Into oyiphakela umqondo wakho siyibona ezinzweni nakwinkambo yakho. Zifisele izinto ezinhle. Zitshele ukuthi unamandla okunqoba futhi awufini ukwehluleka ungazamanga.
Yebo kungenzeka kukhona abakuthakathayo kodwa ungavumi leyonto yakhele emqondweni wakho izokulimaza. Uzogcina usuyinika amandla phezu kwakho ngisho kwenzeka into engahlangene nokuthakathwa uzobe sewuthi sekunjalo.
Umqondo wakho isona sikhali esinamandla kakhulu. Uma ucabanga ngendlela eyodwa uzothola umphumela ofanayo zikhathi zonke.
Yebo kungenzeka ukuthi wazalelwa ngaphandle komshado, mhlampe awusiqedanga isikole, awunamali, akukuhambeli kahle emjolweni, umshado uyabhidlika, awunayo indlu okanye imoto, abantu abakuthandi, unesifo, kunezinto ezinzima odlule kuzo. Konke lokhu kungaba yiqiniso kodwa okubalulekile ukuthi wenzani ngakho. Abanye abantu abanandaba nawe nayoyonke into odlule kuyo. Nguwe okumele ube nendaba nawe. Ngiyazi kubuhlungu kepha kumele impilo iqhubeke noma kunjalo.
Asiqhubeke nendlela amanxeba ayophola endleleni. Impumelelo siyidinga silimele sinjalo. Uma nje sisaphefumula asizame. Asikho isimo okudluleka kalula kuso kepha umqondo wethu ungaselekelela. Bengakuhleka namuhla kodwa nguwe oyishintsha lesosimo.
Umona namanga abantu ungavumi kukushonise phansi. Hamba ibanga lakho sengathi awunakile bayoze bekhathale.
Khumbula: Akukho okuzoshintsha ungakashintshi indlela ocabanga ngayo. Zazi ukuthi ungubani, uphumaphi futhi ubhekephi nempilo. Ungalwi nezingulube zizokuncolisa ngodaka. Aziyikhonkothi emile zikhonkotha ehambayo. Qala namuhla uyithathele phezulu nawe impilo yakho. Kuzolunga.
Ungayeki ukuzama. Kuzokhanya.
Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo